BONISWA MOHALE
LIZOMELWA yiNguni Shades iTheku embukisweni omkhulukazi wezimpahla zamadoda i-SA Menswear Week ese-Cape Town Stadium, eCape Town, namhlanje.
Ngokusho kukaShaun Dugen-Majola ongumsiki wengqephu waseNguni Shades kuzobe kungokwesithathu bekhangisa kwi-SA Menswear Week esibavulele amathuba amaningi.
INguni Shades yinkampani yabasiki bengqephu ezinze eThekwini. Yize engemaningi amathuba kuleli dolobha uShaun uthe bahlezi ngenxa yamakhasimende abo abaxhasayo.
“Sathola isimemo sokuthi sithumele umsebenzi wethu ukuze uzohlungwa ngababhekelele i-SA Menswear Week. Sakwenza lokho sase sithola esinye esasisazisa ukuthi kumele sizokhangisa ingqephu yethu ngonyaka odlule. KwiNguni Shades senza izimpahla zabesilisa nabesifazane futhi ukukhangisa kwi-SA Menswear Week kuyasisiza ngoba sithola amakhasimende, sicobelelane ngolwazi nabanye abasiki bengqephu,”kusho uShaun.
Uthe amathuba awamaningi eThekwini kodwa okubenza bangawi wukuthi bathunga izimpahla ezisezingeni eliphezulu, amakhasimende abo azithola ngesikhathi futhi bayayingenela nemincintiswano yemfashini.
“Sizinze eThekwini kodwa sifuna ukusebenza emhlabeni jikelele. Sikhiqiza impahla esezingeni eliphezulu ngesikhathi esifanele. Uma sithungela ikhasimende silinika ngesikhathi impahla yalo,” kusho uShaun.
UShaun usebenzisana noNosipho Diko kuNguni Shades abayisungula ngo-2000.
UNosipho uthe amadoda aseyayithanda imfashini njengabesifazane, yingakho sekunombukiso wezimpahla zawo zodwa. “Abantu besilisa bayayithanda imfashini. nabo sebefuna ukugqoka izimpahla ezehlukene emicimbini abayihambelayo. Siyajabula ukuyokhangisa kwi-SA Menswear Week. umbukiso wethu uzoba namhlanje ntambama sizobe sino-Chu Suwannapha. Yithina sodwa abamele i-KwaZulu-Natal,” kusho uNosipho.
Uthe sebevule isikole sokuthuthukisa abasiki bengqephu esibizwa nge-Nguni Shades Fashion Institution efundisa i-Creative Design, Patterns Construction, Garment Construction, History of Fashion, Fashion Illustration, Clothing Factory Practice nokunye okuningi. Isikole sisenkabeni yeTheku ku-Albany Grove, kwemukelwa wonke umuntu ngisho abangenawo umatric.
I-SA Menswear Week iqale ngoFebhuwari 3 izophela ngoMgqibelo Febhuwari 6 eCape Town Stadium.
Ibophele abasiki bengqephu abawu-35 bakuleli nabayisithupha bakwamanye amazwe ase-Afrika.
Phakathi kwabasiki abazokhangisa kubalwa u-Craig Port, CSquared, Paledi Segapo, Craig Jacobs we-Fundudzi, Chu Suwannapha, Magents nabanye abaningi.