INGODUSO yowayengumengameli wakuleli, uNksz Nonkanyiso Conco, yethuse abaningi ngoLwesihlanu enkundleni yezokuxhumana iveza iminjunju ehambisana nomzwangedwa ebhekene nayo okuthiwa ikhulisa indodana, uyise wayo nguMnuz Jacob Zuma.
NgoLwesihlanu indodana yakhe ibigubha usuku lokuzalwa. Embhalweni uNksz Conco owumsakazi kwiVuma FM, ubhale ukuthi impilo yakhe inzima ngoba ubhekene nomsebenzi wokukhulisa ingane eyedwa, uyise akabonwa.
“Kubuya imizuzu eminingi ngingedwa. Kodwa kugqama kakhulu lapho ngihlela khona ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa kulo nyaka odlule.
Ngangingeneme kakhulu emoyeni wami ngoba konke ngakwenza ngedwa .....nobuhlungu bokwamukela isimo sokuba wumzali oyedwa. Kukhona izimo ezike zifike ezidinga ubaba wengane kodwa amukho, wubuhlungu obujulile engingasoze ngabukhohlwa.
Ikhula ngamandla indodana, inhliziyo ihaqwa wuvalo uma ngicabanga ukuthi engabe imibuzo ayoba nayo ngoyiphendula ngithini. Konke ukusebenza kwami ngokuzikhandla ukuze yena ezoba nempilo engcono kunale engiyiphilile.
Uma ufikelwa wukucasuka noma wukudideka ngebhodwe eliseziko, khumbula lokhu, ngiwumzali oyedwa, osemncane onamaphupho okumele afezeke,” ubhale kanje uNksz Conco.
Kuze kube manje kakucaci ukuthi uNksz Conco ume kanjani kwaZuma njengoba engakaze agcagce.
Uke athi uma ebhale ezinkundleni zakhe zokuxhumana, alibeke ngembaba elokuthi naye uwunkosikazi wokuqina kwaZuma.
Abangani bakaNksz Conco bazwakalise ukumeseka embhalweni wakhe, bemqinisa idolo, nabo beveza izimo ababhekene nazo bekhulisa izingane bebodwa.
UNksz Conco ukhale nangokuthi kumzwisa ubuhlungu ukuthi kuzomele kuthi uma kushaya isikhathi sokuthi indodana yakhe iye esikoleni, uzobe enza yonke into eyedwa.
Okunye okugqamile kwi-Instagram kaNksz Conco, wukuthi usezisuse zonke izithombe azishuthe noZuma, okubalwa nesithombe asifaka ngesikhathi uZuma egubha usuku lokuzalwa ngonyaka odlule.
“...Sengizitshelile ukuthi ngizoba ngedwa uma kufikwa entweni ethinta isikole, ngizohamba umhlaba nawe sisodwa.....konke okuyizidingo zokukhulisa ingane yomfana ngizokwenza ngingedwa.”
Khula- ke zibulo lami, isibani sakho sikhanye njalo.
Phambilini uNksz Conco uke wafaka imibhalo encoma uZuma njengesithandwa sakhe esikhethekile.
Ebala nokuthi bajwayele ukukhuluma izinto ezijulile “uma sebebeke amakhanda emcamelweni.”
Ethintwa yiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, uNksz Conco uthe empeleni umbhalo wakhe ubuyindlela yokwamukela ukuthi njengomuntu wesifazane ozoshadela esithenjini ngeke abe nobudlelwane obujwayelekile noZuma.
"Noma ngubani okwazi ukucabanga angaqonda ukuthi umuntu wesilisa oyinhloko yomndeni omkhulu kangaka ngeke abe naso isikhathi sezinto ezifana nokuya epaki nengane, ukuya kodokotela noma ukuthenga u-ice cream ezitolo ngazo zonke izinsuku. Siyazi sonke ukuthi kuMnuz Zuma akukho lula ukwenza izinto nomndeni ngazo zonke izinsuku. Ubengekho sigubha usuku lokuzalwa lokuqala lendodadana yethu nyakenye ngoba ubengekho kuleli, kodwa nonyaka mhlawumbe uzobe ekhona. Usephuthelwe okuningi okubalulekile empilweni yendodana yethu, kodwa ngeke silindele ukuthi abe khona njalo," usho kanje.