KUNENGEBHE yokuthi bangase baphuze ukukhokhelwa abazomakela u-matric KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezeMfundo esifundazweni umatasa uhlwaya imali.
Lokhu kuvezwe nguMqondisi jikelele woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, obephendula amalungu ePhalamende muva nje, ethi kusafunwa imali yokubakhokhela.
UMweli uthe iNhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Nathi Ngcobo, imazise ukuthi ezintweni ezisasilele emuva okumele bathole imali yokuzikhokhela kubalwa imali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards neyokukhokhela abazomakela umatric.
“IKZN ibhekene nezinkinga zemali. Ayikazikhokheli izikole imali yazo eyaziwa ngama-norms and standards, ayikawufaki uchatha wothisha ka-1.5% wokuphucula amaholo kanjalo nemali yabafundisa uGrade R. UNgcobo uveze ukuthi kunenhlansi yethemba ngezinye zezinto abazoqala ukuzikhokhela kanti ezizosala ngezithinta imali yokukhokhela izikole kanjalo nemali yokukhokhela abazomakela u-matric,” kusho uMweli.
Uthe kodwa umnyango wezezimali esifundazweni nowezemfundo isebenza kanzima ukuze kutholakale isixazululo.
NoNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ukhale esifanayo ngenkinga yemali ebhekene nomnyango wesifundazwe.
Utshele amalungu ukuthi amehlo abo athe njo kulo mnyango ngenxa yezinselelo obhekene nazo.
“Sizama ngawo wonke amandla ukulungisa isimo ngoba umnyango waseKZN ubhekene nezinselelo ezinkulu uma uqhathanisa neminye iminyango ezifundazweni. Kuze kwavalelwa izikhulu zomnyango inyunyana yothisha ingeneme ngokuhamba kancane kwezinto emnyangweni,” kusho uNksz Gwarube.
Umnyango wesifundazwe ubhekene nezinkinga njengoba nasesiShayamthetho sesifundazwe uhlale ukuveza ukuthi awukwazi nokukhokhela ngesikhathi osonkontileka ngenxa yemali.
Abamakayo bajwayele ukuthola imali yabo ungakashayi uKhisimusi.
UMphathiswa wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, watshela Isolezwe ukuthi abasebenzi abanenkontileka nabo bayobakhokhela njengoba behlale benza.
Bangaphezu kuka-10 000 abasebenzi abazobe besebenza ezikhungweni zokumaka esifundazweni.
Kulaba abamakayo bangu-7 615, ama-Senior Markers angu-1 517, ama-Deputy Chief Markers angu-300. Ama-Chief Markers angu-67, ama-Internal Moderators angu-87.
Kuzoqashwa ama-Centre Managers angu-32, ama-Deputy Centre Managers angu-64, nama-Exam Assistants angu-2 100.
Ukumaka kuqala ngoDisemba 1 kuphothulwe ngoDisemba 10.
Imiphumela iyokhishwa nguNksz Gwarube ngoJanuwari 15, 2025 bese itholakala ezikhungweni zokubhalela ngakusasa, ngoJanuwari 16.