ZIKLANYWE ziklanyiwe njengoba konke sekulele kubavoti ukuthi bakhethe iqembu abalijuba ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe njengoba ikhomishini yezokhetho idedele uhlu lokugcina lamaqembu nabazongenela ukhetho lukazwelonke ngenyanga ezayo.
Kulolu hlu kukhona namaqembu amasha azobe eqala ukubanga amavoti okhethweni lwangoMeyi 29.
Abalelwa ngaphezu kuka-36 amaqembu azobe ebanga amavoti, ingxenye eningi yawo amaqembu amasha.
Amanye azobanga amavoti kuzwelonke nasezifundazweni ezimbalwa, kuthi amanye angenela ukhetho ezweni lonke.
Emaqenjini amasha kukhona amagama aziwayo, kanjalo nangaziwa noma angagqamile kakhulu.
Phakathi kwangagqamile kubalwa iSizwe Ummah Nation, engenela ukhetho kuzwelonke naKwaZulu-Natal.
Amanye amaqembu esifundazweni nakuzwelonke azobe engenela ukhetho okokuqala kubalwa iRise Mzansi, Economic Liberators Forum South Africa, All Citizens Party, Build One South Africa, Africa Restoration Alliance, Umkhonto weSizwe, African Content Movement, African Congress for Transformation. Amanye amaqembu kubalwa iSouth African Royal Kingdoms Organization, South African Rainbow Alliance, Xiluva neCitizens.
Bangu-12 abangenela ukhetho ngokuzimela, kulaba uyedwa esifundazweni iKZN.
Ikhomishini iveze ukuthi kudingeka amavoti abalelwa ku-43 000 esifundazweni ukuze uthole isihlalo esiShayamthetho, kuzwelonke abalelwa ku-80 000 kuye ngokuthi singakanani isibalo sabavotile.
Kulol luhlu lokugcina eqenjini iMK olikhankaselayo owayengumengameli uJacob Zuma useqhulwini labazihola phambili kwabaya ePhalamende, kuthi indodakazi yakhe uNksz Duduzile yona ingunombolo 18 ohlwini lwasePhalamende.
Omunye okhona iNkosi yesizwe samaKhoi-San, uDkt Glen Taaibosch, oke wabonakala enoZuma ngesikhathi kulalelwe icala enkantolo enkulu kuleli sonto ongunombolo 41 ohlwini lwasePhalamende.
UZuma useke wakucacisa ukuthi akusho ukuthi ngoba usohlwini ukuthi uzothola isikhundla.
Umkhulumeli waleli qembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, yena ungunombolo 25, ohlwini lweMK lwasePhalamende.
UZuma ungene ngembobo yenaliti njengoba evunwe yiNkantolo yezoKhetho ukuthi abuyiselwe ohlwini emuva kokuchithwa yikhomishini kulandela isikhalazo ngokuthi akumele abe yingxenye.
Kwamanye amaqembu uhlu alushintshanga.
Amaqembu angabonwa ohlwini kubalwa i-All Game Changers, eholwa yindodana kaZuma uDuduzane. UZuma wayethembise ukuthi uza nezinguquko ezinqala ezweni.
Leli qembu likhishwe ohlwini yikhomishini ngoba lingalandelanga imigomo ebekiwe.