UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi izinkinga zikagesi nokungasebenzi kahle kwe-motor yephampu kuphazamise ukuthunyelwa kwamanzi ezindaweni ezihlukene kuleli dolobha kusukela ngoLwesine.
Kulindeleke ukuthi umsebenzi uphothulwe ngoMsombuluko 10 Juni uma kungabanga nezithiyo ezithile.
Esitatimendeni, umasipala uveze ukuthi izindawo eziphakelwa amanzi esiteshini iNorthdene ngeke zibe namanzi.
Uthe amathimba aseqalile ukulungisa izinkinga zokusebenza kwephampu ukuze ngoMsombuluko abantu bakwazi ukuwathola amanzi. Iphampu efile isiza ukuthumela amanzi ezinqolobaneni ezihlukene eziphakela ompompi emizini yezakhamuzi zeTheku.
Izindawo ezingenamanzi njengamanje yilezi: Buffels Bosch, Burlington Heights, Savanah Park, Shallcross, Crossmoor, Klaarwater, Savannah Park, St Wendolins (KwaSanti), Arena Park, Chatsworth, Ehlanzeni, KwaMgaga, Montford, Moorton, Risecliff, Welbedacht East ne-West, Westcliff, Woodhurst.
Ezinye ezithintekayo yiMariannheights, Mariann Industrial Park, Nsizwakazi, Phumphele, Umshinini, Ezinyathini, Luganda, Nagina, Pineview, Regency Park, Sithundu Hills, Malvern, Queensburgh, Northdene neMoseley Park.
Kuvela ukuthi mabili amanye ama-motor afile azofakwa ngoJulayi nangoNovemba kodwa uma sekubuyiselwe lena eyodwa imiphakathi ethintekayo izokwazi ukuthola amanzi.
UMasipala uthe uzothumela amaloli athwala amanzi kube yiwona azosiza umphakathi kulesi sikhathi.
Ngeminye imininingwane, ukuba umphakathi u-downloade i-app kaMasipala weTheku noma uthumela u-whatsapp ku-073 1483 477 ukubika ukuphazamiseka nokuthunyelwa kwezidingo. Abantu bangashayela no-080 311 1111 noma bathumele i-email [email protected]