LINGASE ligcwale umoya ibhantshi koyimenenja kaMasipala eMfolozi, okuthiwa imisiwe emsebenzini ngenxa yokungenami kwabasebenzi bomkhandlu.
Kuthiwa sekuphele iminyaka abasebenzi bekhala ngokushaywa indiva kwezinkinga zabo ezingaxazululeki emkhandlwini. Kweminye imibiko kuvela ukuthi inkontileka kaMnuz Khulumokwakhe Gamede, ibisiphelelwe yisikhathi kodwa wacela ukuba ivuselelwe emhlanganweni wesigungu ngo-Okthoba 21, nyakenye.
Umthombo utshele iphephandaba ukuthi uGamede umiswa nje, bekulindeleke ukuthi aqhubeke nokuba yimenenja ngoba inkontileka yakhe yeluliwe ngoJuni.
“Abasebenzi bathatha isinqumo sokuhudula izinyawo emsebenzini ngoba bethi sebekhathele nguGamede. Bathi ungumuntu okungasebenzeki naye futhi akazixaki ngezinkinga zabo (abasebenzi),” kusho umthombo.
UMnuz Mazwi Mthiyane, wenyunyana yabasebenzi, i-Imatu uthe, bakholwa ukuthi kunezinguquko ezizoba khona emkhandlwini njengoba imisiwe imenenja abebekhononda ngayo.
"Akukho nokukodwa okwenziwe nguGamede, kukho konke ebesikhononda ngakho kusukela ngo-2010. Sethemba ukuthi uhlu lwezinto esizethulile emkhandlwini nesifisa ukuthi zenzeke, luzolalelwa. Ukumiswa kwemenenja ngenye yezinto ebeziseqhulwini nebesifisa ukuthi yenzeke," kubeka uMthiyane.
Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi esinye sezizathu sokungathenjwa kukaGamede kungenxa yokuthatha izintambo kwe-IFP emkhandlwini ngo-2021, kanti wayevele eqashiwe kuwo.
Kuzokhumbuleka ukuthi imenenja emisiwe ingene kulo masipala ngesikhathi ungaphansi kweqembu eliphikisayo, i-ANC.
Ithintwa iMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ithembise ukubuyela entathelini ngemuva komhlangano ophuthumayo. Kuthe uma imfonelwa ngemva kwesikhathi yakhala ngokuxineka.
Imizamo yokuthola uGamede ayiphumelelanga kanti nocingo lwakhe belukhala lungaphendulwa ngesikhathi efonelwa. Imiyalezo athunyelelwe yona nayo ugcine engayiphendulanga