AYAVEVA amalungu ekomiti lezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ePhalamende, ‘ngokumiswa’ ukuthi ahambele KwaZulu-Natal ukuzohlangana neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, ukuzozwa ngezinselelo ezibhekene nebhodi iNgonyama Trust.
IMbube nebhodi babhekene ngeziqu zamehlo emva kokuhlakazwa kwaleli bhodi yiMbube, eyaxosha namanye amalungu.
La malungu akhomba ngenjumbane uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, ovumelane noSihlalo wale Ndlu, ukuthi awabambe amatomu angezi kulesi sifundazwe kuze kudlule inkulumo ebhekiswe esizweni kamengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
Usihlalo wekomiti uMnuz Mangaqa Mncwango, uthe kwakumele bahambele iMbube nyakenye, kungakabheduki izinkinga kodwa ngenxa yokushayisana kwezinto, kwagcina kungenzekanga.
Uthe bebezohambela nezinye izindawo kulesi sifundazwe ngasekupheleni kwale nyanga njengoba kwakuhleliwe nyakenye, okubalwa nokuhlangana nabaholi bomdabu.
Ukhale ngokuthi ngomzuzu wokugcina kuthiwe ngeke besakwazi ngoba noNgqongqoshe womnyango uMnuz Mzwanele Nyhontso, akekho kuleli uhambele eGermany. UNyhontso, wathi iMbube ayinalo ilungelo lokuhlakaza ibhodi, amandla akuyena.
“Kuthiwe kukhona nezinto ezibucayi kulolu daba ngakho asithi ukuma kancane. Kubalulekile ukuthi sibonane neMbube ukuzozizwela ngokwenzekayo, hhayi kodwa ukuthi sizoyiqulisa,” usho kanje.
UMnuz Bonginkosi Madikizela, ilungu le-DA, uthe okubi ngukuthi lo mhlangano kwakuhlelwe ukuthi ubekhona ngaphambi kokubheduka kwezinkinga phakathi kwebhodi neMbube.
Uthe kubalulekile ukuthi bagcine befikile eKZN bezokotha iMbube bazizwele beyikomiti ngezinkinga.
UMnuz Andile Mngxitama ilungu leMK, uthe: “Akumele iMbube ingahlonishwa yingakho nathi sizoyihambela, sizoyotha ukuze sithole umnyombo wezinkinga.”
UMnuz Mlindi Nhanha we-DA, uthe ngendlela isimo esishube ngayo phakathi kwebhodi neNgonyama, sekuyaphuthuma ukuthi bazizwele ngokwenzekayo.
“Asizile ukuzoqulisa iMbube kodwa ukuzothola nje kuyona ukuthi kwenzekani. Nebhodi ‘elihlakaziwe’ sizolihambela ukuzwa olwalo uhlangothi,” usho kanje.
UMnuz Sam Matiase we-EFF, uthe bekungamele banqatshelwe ukuzokwenza umsebenzi wabo ngoba kulindwe uRamaphosa abuye lapho ekhona.
“Ngokomthetho bekumele ngabe iMbube siyibona kusasa (namhlanje), njengoba ibithe inaso isikhathi kodwa asikwazi ukuyibona. Kubalulekile ukuthi sisheshe siyibone iMbube ngoba lolu daba luyaphuthuma,” kusho uMatiase.
UMncwango uthe kumele babhale incwadi beyikomiti baxolise kwiMbube ukuthi abasakwazi ukuyibona namhlanje.
“Inhloso yethu akukhona ukuthi sithatha uhlangothi oluthile. Sifuna ukuzwa kuzona zonke izinhlangothi ezithintekayo kulolu daba,” kusho uMncwango.
Kugcine kuvunyelwene ngokuthi leli komiti lizohambela eKZN kusuka ngoFebhuwari 24 kuya kuFebhuwari 28, 2025.