ALOKHU angene amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni komthwebuli weSolezwe.
INdlunkulu kaZulu idlulise amazwi enduduzo ngomthwebuli uBongani Mbatha ohlaselwe ekhaya kubo ngoLwesibili ebusuku.
Ngokwesitatimende esikhishwe yihhovisi leSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMbatha uchazwe njengomthwebuli obesemnkantshubomvu kulo msebenzi.
Ihhovisi leNgonyama libonge kakhulu nomsebenzi owenziwe uMbatha kuthunwa amathambo kaNdlunkulu Thomozile Ndwandwe ozala uMdlokombane.
Indlunkulu ibuye yanxusa amaphoyisa ukuba aphuthume afune ababulali bakaMbatha.
Kusenjalo, i-ANC KwaZulu-Natal inxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ukuba aqoke ithimba elizophenya ngokubulawa kukaMbatha, ukuze kubanjwe ababuli.
Ezinkundleni zokuxhumana, izintatheli izinkampani ezishicilela izindaba nosaziwayo badlulise amazwi enduduzo ngalo mthwebuli ongomunye wabathwebuli abenza umsebenzi omuhle wohambo lokugcotshwa kweSilo, kusukela ekuqaleni saze sangena esihlalweni.