KUBA yinjabulo uma kuhlanganiswa imishado ebandleni lakwaShembe, eBuhleni. Kulolu hlobo lomshado abashadayo baqale bamiswe ngababili, omunye ame eduze kowakhe, bashaye ujenga.
Abakwamakoti babe sebemundlalela isicephu sakhe, ngaphezu kwaso kulandela esikamkhwenyana asendlalelwa abakubo naye. Abazali babo bama ngemumva kwabo, abefundisi abasuke besebenza ngokubambisana, bababuze ngabanye ngabanye ukuthi bayavuma yini ukuthi bahlanganiswe abantwana babo. Emva kwalokho kube sekubuzwa bona abashadayo ukuthi bayavuma yini ukuthi bahlanganiswe.
Kulandele ukufungiswa ukuthi ngeke balahlane. Umzali wentombazane ube esethatha isandla sendodakazi yakhe asibeke phezu kweBhayibheli, ngaphezu kwaso, umkhwenyana abeke esakhe, bese kuyakhulekwa, babekwe kuNkulunkulu. Emva kwalokho bafakana izindandatho, bese umakoti eshuquliswa umqwazo wenkonzo owakhiwe ngobuhlalu.
Kuthiwa lokhu kuwuphawu lokubakhipha ebuntombini befakwa ebufazini. Isigaba esilandela leso kuba esokugida kwabo bonke kanye kanye, silandelwe ngesokugcina sokubusiswa kwemishado yabo