UMHOLI osanda kuqokwa njengelungu lePhalamende elimele iMK Party futhi owayengumholi weSA Rainbow Alliance (SARA), uNkk Colleen Makhubele, uthi waqala ukulaxaza iqembu lakhe, wajoyina iMKP ngoba womabili aqembu anombono ofanayo.
Ngokusho kukaMakhubele, wasungula iSARA ngombono wokuhlanganisa amaqembu abantu nabaholi abampisholo ngokukhuluma ngezwi elilodwa. Nakuba kunjalo, uthe iqembu lalingakwazi ukufeza leli phupho.
Engxoxweni abenayo ngoLwesine, uMakhubele uchazile ukuthi wahehwa yiMKP ngoba inemibono efanayo nokuzibophezela kwimigomo yoguquko, ubulungiswa kwezomnotho, inhlalakahle nenqubekela phambili.
Uchazwe wubuholi beqembu, ikakhulu uMengameli weMMP uMnuz Jacob Zuma, nesifiso sokuhlanganisa zonke izinhlaka nabaholi abanenqubekela phambili.
“Umbono ofanayo ukuthi iSARA inombono ofanayo ongihehele kwiMK Party...isifiso sabo ukubumba nokuhlanganisa amazwi abantu abamnyama,” kusho uMakhubele.
Ungomunye wabazofungiswa njengamalungu ePhalamende ngoLwesibili.
Okhulumela iMKP, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uMakhubele uyisisebenzi somphakathi esineziqu zeMBA, ngakho uzoletha amava ekuphathweni kukahulumeni nobuholi.
Uke waba nguSomlomo womkhandlu nosiHlalo wosiHlalo kwiCity of Johannesburg, waba wusihlalo weBhodi leMetropolitan Trading Company futhi waba yiNon-Eecutive Director nosiHlalo weBhodi le-South African Post Office (SAPO).
UNdhlela uthe uMakhubele nozakwabo, u- Adil Nchabeleng, abazofungiswa, bazoqhubekisela phambili umbono weMKP wokufukula umnotho nenhlalo yabantu futhi bagxile ekuthathweni komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ukufukulwa kwentsha nokunye. Lezi zikhala zivuleke emuva kokumiswa kwamalungu ePhalamende awu-18.
Khonamanjalo, u-Advocate Dali Mpofu uqokwe njengosihlalo weKomiti lokuQondisa ubuGwegwe, kwathi iPhini likaMengameli uDkt John Hlophe laqokwa njengosihlalo weKomiti lokuDlulisa amaCala. Le nhlangano ibuye yaqoka ubuholi obusha eLimpopo naseGauteng.
ELimpopo uCharmaine Petunia Nl uqokwe njengeConvenor kwathi uKgosi Letsiri Phahla waba yiphini lakhe. OwayengusiHlalo we-EFF eLimpopo, uTshilidzi Maraga, uqokwe njengoMxhumanisi. EGauteng, uWitness Nyembe uqokwe njengeConvenor kwathi uMoses “Pumpgun” Makhaza waqokwa njengephini leConvenor.