OSOLWA ngokuxova nokuqola abantu ngegama leNdlunkulu kaZulu, uNksz Sihle Sibisi, uthi kungamampunge ukuthi akasiye uMntwana.
UNksz ubeziphendulela ezinsolweni ezenziwe ngokhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani, zokuthi akahlobene nabo kodwa ungowesifazane ongumxovi noqola abantu ngegama lasendlunkulu.
Ephephandabeni elinguzakwabo waleli iThe Star, uMntwana uThulani, usole uNksz Sibisi ngokungena esigodlweni ngendlela engaqondakali maqede athamele imihlangano esuke ibanjwe yiSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini. Uze wathi uNksz Sibisi ubuye akhokhise abantu abasuke befuna ukuhlangana neNgonyama noma ukushutha nayo.
Kuleli sonto uNksz Sibisi ukhulume bukhoma ekhasini lakhe leFacebook, ekhala ezimathonsi ngokuthi ulahlekelwe kanjani ebhizinisini lakhe ngenxa yezinsolo. Uze wakhombisa abalandeli bakhe izithombe zakhe eneSilo maqede wabuza ukuthi ushutha kanjani neSilo uma engasiye uMntwana. Ngalo lelisonto iThe Star ibike ukuthi uNksz Sibisi ungene ngendlovuyangena emahhovisi ayo, efuna udaba lwangesonto olwedlule luhoxiswe maqede waqopha esithe ingxoxo abe nayo nentatheli futhi wayifaka ezinkundleni zokuxhumana, elokhu eqhubekile nokuphika ukuthi uqola abantu ngokuzibiza ngowaseNdlunkulu. Nakuba kunjalo kodwa uMntwana uThulani uthe usamile kwelokuthi uNksz Sibisi akasiye owaseNdlunkulu futhi uyiqola eligxambukela ezindabeni zaseNdlunkulu ngenhloso yokuyixova.
Eqhuba uMntwana uThulani uthe uphatheke kabi ebona izithombe zeNgonyama sezisabalale ezinkundleni zokuxhumana.
"Ngibuya manje ekhaya. Bengingamboni lomuntu wesifazane. Kodwa kulokhu engikubonile, ngikhathazeke kakhulu. Akuvumelekile ukuba abantu bathathe izithombe zeSilo nesigodlo. Yinto edinga ukubhekwa ngelinye iso. Engikwaziyo ukuthi uzibiza ngendlovukazi, okuyinto engimangazayo ngoba asikwazi thina lokho. Kimi wumuntu wangaphandle ofike esigodlweni wazokwenza izinto ezingajwayelekile."
UMntwana uThulani uthe sekudingeka abaNtwana balufakele izibuko udaba lukaNksz Sibisi futhi kube nomhlangano okhethekile mayelana nokuthi kuzokwenziwa kanjani.
"Ngiyibonile ingozi lapho ngikhona, akukuhle ukuthi kukhulunywe ngeNgonyama ezinkundleni zokuxhumana. Kimi yisenzo esingavamisile esehlisa isithunzi seNgonyama neNdlunkulu. Sisadinga ukuhlala phansi sithole ukuthi lento yenzeke kanjani."
Uqhube uMntwana wathi akamazi uNksz Sibisi futhi akakaze ahlangane naye, ngaphandle kwalokhu asekubone ezinkundleni zokuxhumana. “Kodwa ngithole ucingo lwakhe ebuza ukuthi yini ebizwa ngomuntu ogxambukelayo. Angimazi futhi angazi lutho ngaye. Kuyamangaza uma uzwa kuthiwa umuntu ongamazi kade ekini eNdlunkulu, eshutha izithombe. Ubugebengu lobo,” kugcizelela uMntwana uThulani.