USAKHUNGATHEKILE umndeni kamabhalane wasesikoleni iMbazwana Primary eHangaz eMbazwana otholakale ezihilele ngoMgqibelo.
UMnuz Musawenkosi Sunshine Zikhali (57) kuthiwa utholwe esethule kuveranda wasekhishini emzini wakhe.
Ngokusho kwelungu lomndeni elibuye libe sekomitini lezokuphepha emphakathini uMnuz Vuyani Zikhali, umufi uphume engumuntu oyochitha amanzi endlini encane, kodwa watholwa eseshonile ngabo-6 ekuseni.
Uthe uphume egumbini lakhe nonkosikazi lokulala ewumuntu oyochitha amanzi endlini encane ngaphandle ngabo-6 ekuseni, wangabe esabuya.
“Utholwe esethule, ezilengisile, kwase kwaziswa amanye amalungu omndeni ngomshophi,” kusho uZikhali.
Udalule ukuthi umshophi wenzeka nje bekukhona ukhanjana obelwenziwe njengoba umufi ebevakashelwe abashana bakhe abahlala ezindaweni ezikude.
“Bekubuswa, kodwa kungesikho ukuthi bekunomsebenzi obukhona. Bekugayiwe nje ukhanjana njengoba ngokwesintu, kuye kwenziwe utshwala besiZulu uma kuhlangenwe, kujatshulwe,” kwenaba uZikhali.
Uthe sekwenzeke umshophi, abashana bakamufi ebebevakashile bashaqeke baze bathi: “umalume uphuma engena nje esinika izidlo (ukhamba) ngayizolo (ngoLwesihlanu) kanti kuzophetha kabi kanje,” kusho uZikhali.
Uthe kulukhuni ukuzama ukuhlanganisa into ebingaba yimbangela yokuthi umufi azibulale njengoba kungekho ncwajana ayishiyile ngaphambi kokuzikhunga.
“Uphume ewumuntu obeyochama, ayikho incwadi ayishiyile. Akukho futhi abebike ukuthi kuyamkhathaza emoyeni ezinsukwini ezandulela isigameko,” kusho uZikhali.
Uqhube wathi alikho elibi ebelikhona phakathi kukamufi nonkosikazi wakhe njengoba bebelale, konke kukuhle.
Emchaza, uthe ubengumuntu obezithulela, uma kuxoxwa aqhamuke esengena ngohleko, engesiye umuntu wempi noma onenhliziyo encane.
Uthe kulesi sikole ashone esebenza kuso, bese kuphele iminyaka engaphezu kweyishumi engumabhalane khona, wathi unkosikazi kamufi ufundisa kuso.
Okhulumela amaphoysa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbazwana avule idokodo lokufa komuntu ukuze liphenywe kulandela isigameko sokutholwa kowesilisa (57) ezilengisile.
“Lesi sigameko senzeke emzini kamufi oseHagaza ngoMgqibelo. Alukho unyawo lwemfene olusolwayo nembangela eholele ekwenzekeni kwalesi sigameko, esisazophenywa ngamaphoyisa,” kusho uNetshiunda.