SEZISUSE imvunge izinsolo zokuthi enye yezimoto zikaMasipala waKwaDukuza okwakuthiwe ayikho sesimweni sokuba semgwaqweni, ibonakala ihambisa esikoleni izingane zeMeya yomkhandlu, uMnuz Ali Ngidi.
Le moto yayikade isetshenziswa imeya yomkhandlu eyakhishwa esikhundleni, uNksz Lindile Nhaca.
Selokhu uNgidi angena esikhundleni, usebenzisa imoto eqashiwe ngoba nakhu kuthiwa lezi ebezisetshenziswa uNksz Nhaca azikulungele ukuba semgwaqweni.
Imoto yohlobo lwe-4x4 kanye nezinye ezazisetshenziswa owayeyiphini lemeya emkhandlwini, uMnuz Thulani “Mbazo“ Ntuli, kwakufanele umkhandlu uzichithe ngenxa yokuthi zase zidlulile esibalweni sama--kilometre esibekelwe izimoto ezihamba abaholi bemikhandlu.
Muva nje, kusabalale izithombe zale moto emagcekeni esikole iGroutville High. Izinsolo zithi imoto isuke ihambise izingane zemeya.
Ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu izolo, amakhansela afune umbiko ogcwele ngalolu daba.
Emva kokunqakisana ngodaba, amakhansela avumelane ngokuthi ayalele imenenja kamasipala, uMnuz Nhlanhla Mdakane, ukuba ilethe umbiko ogcwele emhlanganweni womkhandlu olandelayo.
Amakhansela afuna lo mbiko nje, i-Independent Alliance ibivale isibhalele uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uThulasizwe Buthelezi, kanye noMdakane, icela ukuba kuphenywe ngezinsolo.
Independent Alliance inamakhansela amahlanu kulo mkhandlu.
UNobhala Jikelele we-Independent Alliance, uMnuz Phathabakhe Shezi, uthe bafuna uMdakane acacise ngokubonakala kwale moto okwakude kuthiwe ayikulungele ukuba semgwaqweni, ibe ihambisa izingane zemeya esikoleni.
“Sihlome ngezithombe zayo imoto, nawe singakunika uma uzifuna. Singajabula uma ungase usichazele ngokunyakaza kwale moto.”
UShezi uthe bafuna ukwazi ukuthi imalini esisetshenziswe umkhandlu uqashela uNgidi nePhini leMeya, uMnuz Njabulo Cele, izimoto.
UNgidi noCele bangena ezikhundleni ngoNovemba, balokhu besebenzisa izimoto eziqashiwe.
UShezi uthe bafuna nanencazelo egcwele ngengozi yemoto ehamba uCele. Le ngozi yenzeka uCele engekho emotweni, imoto yayihamba abaqaphi bakhe.
“Sifuna ukwazi ukuthi yini eyadala ingozi nanokuthi ubani owayesephutheni. Sifuna ukwazi ukuthi likhona yini icala elavulwayo nanokuthi zikhona yini izindleko umasipala ozongena kuzona ngenxa yale ngozi.”
Okhulumela umasipala, uMnuz Sifiso Zulu, uthe amakhansela avumelane ngokuthi azonikwa umbiko ogcwele ngalolu daba emhlanganweni olandelayo, wathi bazokwazi kahle ukuphawula uma amakhansela esenikeziwe umbiko.
Okhulumela uButhelezi, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe bebengakayitholi incwadi kaShezi.