UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ezokuPhepha koMphakathi nokuXhumana KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, usecele ukuthi kube nokuthula emphakathini waseMzimkhulu njengoba uhulumeni wesifundazwe ekucubungula okufunayo.
Ngempelasonto uKaunda ubehola ithimba likahulumeni wesifundazwe ebelinoNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi nokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Ravi Pillay neMeya yesifunda iHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe ngemuva kokuthi umphakathi uqale imibhikisho yokungalethwa kwezidingo ethathe izinsuku ezintathu.
Kwezinye izinkinga eziphakanyiswe wumphakathi kubalwe ukushoda kwamanzi, ukwentuleka kwamathuba emisebenzi nezindlu nokwanda kobugebengu.
UKaunda uthe kuyishwa ukuthi imibhikisho isiholele ekufeni kwelungu lomphakathi elidutshulwe ngoLwesihlanu.
“Siwuhulumeni wakulesi sifundazwe sikhalisana nomndeni olahlekelwe. Umndeni olahlekelwe siwubeka emithandazweni kulesi sikhathi esinzima,” kusho uKaunda.
Ngenkathi uhulumeni uhlanganyele nabamele umphakathi, uKaunda uthe abasebenzi bakahulumeni bamatasa bahlanganisa izimpendulo zezinkinga eziphakanyiswe wumphakathi. Umhlangano ozobikela umphakathi ngokunqunyiwe uzoba kuleli sonto.
“Ngale kwalolu daba lokulethwa kwezidingo, ngiphinde ngacela amaphoyisa ukuthi aphenye udaba lwelungu lomphakathi elibulewe bese ebopha bonke ababandakanyeka ekucekelweni phansi kwempahla,” kusho uKaunda.
Sekwandiswe isibalo samaphoyisa agade isimo eMzimkhulu. UKaunda ucele amalungu omphakathi ukuthi mawehlise umoya njengoba uhulumeni usuqalile ukubheka lokho akhala ngako.