NGOLWESINE, iNkantolo yeMantshi yaseCamperdown imgixabeze ngeminyaka eyishumi ebhadla ejele uNkosinathi Dladla (54) emva kokumlahla ngecala lokudayisa insangu.
INkANTOLO yeMantshi yaseCamperdown imgixabeze ngeminyaka eyishumi ebhadla ejele uNkosinathi Dladla (54) emva kokumlahla ngecala lokudayisa insangu ngoLwesine.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe uDladla waboshwa uphiko lwamaphoyisa iK9 yaseMgungundlovu, kuMlazi Road ngaseTala Valley, ngo-Ephreli 2020.
Uthe lokhu kwenzeka emva kokuthi amaphoyisa ethole umkhondo mayelana neloli elalithwele insangu.
“Leli loli labonakala emgqwaqeni uN3, amaphoyisa alilandela. UDladla wagcina emiswa amaphoyisa, iloli laseshwa. Amaphoyisa athola izikhwama azingu-44 zensangu ezazingabiza uR2.5 million ngokwenani lasemgwaqweni,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi emva kwalokho, amaphoyisa ambopha uDladla abembeka icala elimfanele.
Uthe idokodo lakhe labe selidluliselwa ophikweni loKlebe.
“UDladla ubelokhu evela enkantolo kwaze kwaba ukuthi ulahlwa yicala ngoNovemba, nyakenye. Uthe esuka wafaka isicelo sokuthi sibuyekezwe isigwebo sakhe, wakhishwa ngebheyili kaR100 000,” kusho uMhlongo.
Inkantolo ngoLwesine imgixabeza ngeminyaka eyishumi ebhadla ejele.