IMITHOLAMPILO ngenye yezinto ezibalulekile emphakathi, okwenza kube khona namalungu omphakathi abhekela ukusebenza kwayo ngaphansi ngoMnyango wezeMpilo. Yize kunjalo kodwa umphakathi waseNtuzuma ungase uzithole sewubhekana nezingqinamba ezike zaba khona phambilini kulandela ukuhudula izinyawo kwamalungu ebhodi lomphakathi angaholelwe iminyaka emine.
La malungu asayina isivumelwano nomnyango ngo-2018, sokuthi azobhekela ukusebenza kwabahlengikazi, kusukela endleleni abagqoka ngayo umfaniswano, ukusebenza ngaphansi kwemigomo yezempilo, izikhalo zomphakathi nokuvikelwa komtholampilo.
Ngokusho kwamalungu ebhodi, umuntu ngamunye kufanele ahole u-R200 njalo uma kade kuhlangenwe ukudingida ngenqubekela phambili yomtholampilo nokwenzeka kuwo. Kodwa kuze kube yimanje, athi akukaze kuhlale ngisho owodwa u-R200 esandleni. Elinye lamalungu ebhodi, uMnuz John Dlamini (75) likhala ngokuthi imali kuthiwa ibambeke emahhovisi amakhulu eMgungundlovu.
"Siyaba nemihlangano kodwa asiholi. Sigadile ukuthi kusetshenzwa kanjani, noma singafiki nsuku zonke kodwa umsebenzi esidinga basiholele (ngawo) ngoba kwavunyelwana. Asisayinile. Kuthiwa amafomu abambeke eMgungundlovu. Kumele njalo siyovula ibhokisi lezikhalo zomphakathi. Konke siyaqhubeka nakho njengesivumelwano kodwa abasiholeli," kusho uDlamini.
Eqhuba uthe sebezame kaningi ukukhala, osekugcine kamuva kumiswa ukuthi kube nemihlangano kodwa baqhubeke neminye imisebenzi. Omunye wamalungu ebhodi, ocele ukungadalulwa, uthe abaphathi bayazi ngodaba lwabo kodwa abasukunyelwa.
"Miningi le minyaka sinethemba lokuthi bazosiholela, noma yingoDisemba sibe noKhisimusi. Sekuze kwashintshwa nabaphathi. Kukhona omusha manje, owayengekho siqashwa," kusho ilungu.
Amalungu ebhodi afisa uNgqongqoshe wezeMpilo angenele enkingeni yawo ngoba asawuthanda umsebenzi wawo, futhi aveza ukuthi wenza kube lula ukubambisana kubahlengikazi nomphakathi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umnyango uwuthatha njengobalulekile umsebenzi owenziwa ngamabhodi omphakathi angamele ukusebenza kwezikhungo zempilo.
"Empeleni muningi umsebenzi osuwenziwe wuNgqongqoshe uNksz Nomagugu Simelane nethimba lakhe labaphathi, ukuvuselela nokuqinisa ukusebenza kwala mabhodi esifundazweni jikelele. Mayelana nalolu daba okukhulunywa ngalo, abaphathi besifunda esithintekayo (iTheku) bacele ukunikwa ithuba lokulucubungula ukuze umnyango ukwazi ukuphawula ngendlela ephusile nenokucophelela,“ kusho uMaphisa.