IMILE impilo kowesifazane ongenawo umazisi okuvela ukuthi uyiwele nomuntu angamazi.
UNksz Anele Dube (25) waseNtuzuma, uthe sekunesikhathi ezama ukushaya umazisi kodwa kungalungi.
Uthe ngo-2018 waya ehhovisi loMnyango wezaseKhaya kwafike kwavela ukuthi imininingwane yakhe ifana neyomuntu angamazi.
“Ngathi uma ngizama ukuyoshaya umazisi bangibuza ukuthi nginesiqiniseko yini sokuthi angikaze ngibe nawo ngoba imininingwane iyavela kodwa isithombe esivelayo akusona esami esomuntu wasoThongathi engingamazi.
“Bathi angihambe ngiyokwenza incwadi efungelwe emaphoyiseni ukuze bazame ukungisiza, njalo uma ngibuyela kubona bayangilindisa akukho okuthembisayo okwenzekayo,” kuchaza uNksz Dube.
Uthe baphinde bamkhomba ukuthi akenze isitifiketi sokuzalwa esisha ukuze kuzoqalwa phansi inqubo yokumshayela umazisi.
Uveze ukuthi okumphatha kabi kakhulu ukuthi udonsa kanzima empilweni ngoba akanabo abazali futhi akakwazanga ukuqhubeka nesikole ngenxa yokungabi nomazisi kanti unezingane ezintathu angakwazi ukuzibhalisela imali yesibonelelo sikahulumeni.
“Njengoba impilo imile ngiziphilsa ngomsebenzi wezandla ngiluka amakhanda abantu ngiphinde ngikhande nezinto zikagesi.
“Angibazi abazali bami bashona ngisemncane ngikhuliswe izihlobo futhi zingiphethe kahle kodwa nami ngingathanda ukuzimela ngoba sengikhulile futhi nginezingane okumele ngizinakekele,” kuchaza yena.
Uthe uma kulunga konke angafeza isifiso sokubuyela esikoleni aqhube izifundo zikagesi ngoba unekhono lokusebenza ngawo.
Uveze ukuthi uqashisa ngendlu yakubo enamakamelo amane ukuze angenise imali azokwazi ukuzinakekela ngayo.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Mncwabe, uthe ukufana kwemininingwane kuyaye kudalwe ukuthi kukhona osuke esebenzise isitifiketi sokuzalwa esingekho emthethweni.
“Kujwayelekile ukuthi abantu basebenzise indlela elula uma befuna ukushayela izingane izitifiketi kanti lokho kudala inkinga ngoba usuke ekhona umnikazi wenombolo kamazisi esuke isetshenziswa ngokungekho emthethweni, uma inamba kamazisi kungeyakho ngokusemthethweni ngeke imininingwane yakho ingaveli uma ushaya umazisi,” kuchaza uMncwabe.
Uthe umuntu onenkinga yokushaya umazisi kumele avakashele umphathi wehhovisi eliseMngeni afike achaze udaba ukuze ashaye kabusha isitifiketi sokuzalwa kuzoba lula ukuthola umazisi emva kwalokho.