KUQUBUKE imibuzo emndenini wesiguli okuthiwa seqa esibhedlela iMontebello, eNdwedwe, satholakala sizilengesile ehlathini ngoMsombuluko.
UMnuz Bulelani Doctor Simamane (22) waKwaMbilini eNdwedwe obedume ngelikaKhehla kuthiwa wangeniswa kulesi sibhedlela ngoMeyi 31 enezimpawu zokuphanjanelwa yikhanda.
Umalumekazi wakhe, uNkk Jane Gumede uthe bekungabo-11 ebusuku ngoJuni 1, bethola ucingo oluvela esibhedlela lubabuza ukuthi usefikile yini ekhaya uSimamane.
“Siqale sazitshela ukuthi njengoba besishayela ucingo bafuna ukusitshela ukuthi isimo sakhe bese sibucayi, bamdlulisela esibhedlela sabathikamezeke ngokomqondo eMgungundlovu. Inesi lavele lasibuza ukuthi usefikile yini ekhaya. Savele saxakeka ke nje,” kusho uNkk Gumede.
Uthe bathe uma belandula, bebuzisisa nokuthi lichaza ukuthini inesi, labe selibachazela ukuthi weqile esibhedlela kanti iziguli abelaliswe nazo ewodini zithi uphume ngabo-7 khona ebusuku.
UNkk Gumede uthe abazibuza kona ukuthi ngoba isibhedlela sinenqwaba yonogada abagcaluza emawodini, emaphaseji, emagcekeni nasesangweni lesibhedlela, kwenzeke kanjani ukuthi bonke bangamboni umufi eqa esibhedlela.
“Njengoba isidumbu sakhe sitholwe egqoke izingubo zakhona, kusobala ukuthi weqe ezigqokile. Futhi nomchilo azihilele ngawo, uwuklebhule kuzo izingubo zesibhedlela abezigqokile,” kusho uNkk Gumede.
Uthe okunye okubathikameze kakhulu ukuthi ngisho nedriphu ayeyifakwe khona esibhedlela ibisaxhunyiwe kuye.
Echaza ngokutholakala kwakhe, uthe utholwe owesilisa wendawo obebhusha izihlahla, ehlehlisa umeno eduze kwekhaya lakhe.
“Uthe kuthe uma ehesha, wabona izimpukane eziningi, kwathi uma esondela ngalapho ebeziqhamuka ngakhona, wazithela phezu kwesidumbu sikamufi, silenga esihlahleni,” kusho uNkk Gumede.
Uthe lona wesilisa wazise isibhedlela ngalokhu, sona sase sibashayela ucingo sithi abeze bazokhomba isidumbu ukuthi akusona yini esesihlobo sabo, kwavela ukuthi yiso ngempela.
Uveze ukuthi indawo atholwe kuyo umufi iqhelelene kakhulu nabo futhi iqhelelene kakhulu nesibhedlela.
Ukhale ngobudedengu besibhedlela, wathi bafuna uMnyango wezeMpilo ubathwalele izindleko zomngcwabo kamufi ngoba ubengeke eqe aze ayozibulala ukuba ubegadiwe.
Wabuye wathi bafuna uphendule yonke imibuzo abanayo ngokweqa kukamufi esibhedlela bese kuba khona abathathelwa izinyathelo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNdwedwe avule idokodo ngokufa komuntu emva kokutholwa kowesilisa ezilengisile ngoJuni 12.
“Imbangela yesigameko ayikaziwa iyaphenywa amaphoyisa,” kusho uNetshiunda.