MHLELI: Angiqonde ngqo. Sakhathala, usuku nosuku kusungulwa iqembu elisha lezepolitiki ngoba kulandelwa ibhodwe eliconsayo. Bafeza izinhloso zabo ngathi esihluphekayo ukuze banethezeke nemindeni yabo, thina ngapha bayasehlisa bayasenyusa emigwaqweni.
Ufike umuntu axabane neqembu lakhe, alishiye, avule elakhe, bamulandele abangani bakhe. Baphinde baxabane, omunye futhi avule elinye futhi iqembu lakhe, bamulande abangani bakhe futhi. Engani phela nje bafuna izikhundla eziphezulu. Kuyoze kube nini kudlalwa ngathi ngepolitiki eshibhile. Alokhu ephikisa, asethembise izinto engeke ekwazi ukuzifeza.
Kungakuhle uma engaba mabili amaqembu ezepolitiki lapha eNingizimu Afrika. Kumanje le nqwaba esinayo eyani? Isenzelani? Awasisizi ngalutho. Asibuyisela emumva. Sivele sithwele kanzima kwezomnotho. Kungakuhle futhi kuncishishwe namalungu ePhalamende .
Esikhundleni sokuthi kuvulwe amathuba omsebenzi kude kusungulwa amaqembu ezepolitiki angathi shu. Mina angizukuvota ngoba angazi ngizovotela liphi iqembu kulawa angaka. Ukube abekade emabili ngabe elibusayo siyaliyeka uma sesingasalifuni sivotele elinye.