KUSUKE esikhulu isidumo abafundi baseRichards Bay Hoer abangaphezu kuka-30 okusolwa ukuthi bahilwe yisisi esikoleni bephuthunyiswa ezibhedlela, izolo.
Isikhathi sokuqala kokufunda kulesi sikole izolo, besingafani nesijwayelekile njengoba abezimo eziphuthumayo bebegcwele esikoleni bezama ukusiza abafundi iningi labo ebelinekinga yokuphefumula kahle.
UMnuz Shawn Hebert wabezimo eziphuthumayo eNetcare 911, uthe babizwe esikoleni kuthiwa kusolakala ukuthi abafundi namanye amalungu omphakathi aseduze kwesikole, ahogele isisi esiyingozi obekusolwa ukuthi siholele ekutheni bangakwazi ukuphefumula.
"Abafundi ebebenenkinga esibafice esikoleni bebecanuzelelwa yinhliziyo, bephalaza, benobuhlungu emphinjeni, abanye bengakwazi ukuphefumula kahle. Kukholakala ukuthi bahogele isisi esiyingozi okusolwa ukuthi siphuma kwenye yezimboni eziseduze kwesikole," kusho uHebert.
Imibiko engaqinisekisiwe ibithi le sisi kungenzeka ukuthi ese-ammonia (igesi) edlule kule ndawo kwangathi kudlula ifu.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Henning de Wet, ohlala eduze kwesikole, uthe lesi sisi sihogelwe nangabantu basemphakathini kodwa wathi akazi ukuthi besiqhamuka kuphi.
Uthe banethemba lokuthi lesi sigameko sizokwenza ukuthi kuhlolwe izinga lokuhlanzeka komoya kule ndawo ukuze kutholakale ukuthi yini imbangela yalesi sigameko?
Imeya yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, izolo ntambama, uthe umbiko wophenyo lwesikhashana lukhomba ukuthi umkhuba usekhaya ngakho isikole kumele senze uphenyo lwangaphakathi.
"Abantu abangaphandle abazange bathinteke ngendlela isikole esithinteke ngayo. Lokhu kusitshela ukuthi isikole kumele senze uphenyo ngaphakathi. Uma singenazo izinsiza sizosilekela," kusho uNgwezi.
Uthe uzwile ukuthi umphakathi uthe awuqali ukuthi kube nesisi esinephunga elibi kule ndawo, wathi uma umphakathi unezinsolo ezinjalo kungakuhle ukuthi usho ukuthi esenzeka nini ukuze kuphenywe.
Uqhube wathi uyazi ukuthi le ndawo inezimboni eziningi kodwa wathi, ukutshalwa kwemali akubalulekile ngaphezu kwempilo yabantu.
"Sizokwenza isiqiniseko sokuthi imithetho elawula ukuziphatha kulo masipala iyalandelwa," kusho uNgwezi.
UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe umnyango uyaphenya ngalesi sigameko.
"Izikhulu zomnyango zikuleya ndawo ziyaphenya, uma sekutholakale imininingwane nokuholele kulesi sigameko, sizowazisa umphakathi," kusho uMthethwa.