KUKHALWA ngabokufika abaphendule inhlekisa inhlokodolobha yaKwaZulu-Natal, uMgungundlovu, ngokwakha imijondolo phakathi edolobheni.
Imijondolo ekhalisayo yakhiwe engxenyeni yedolobha ebizwa ngeSomalia, ephakathi kwimigwaqo uWest noPietermaritz Street.
Le ngxenye yedolobha igcwele kakhulu izitolo zabokufika.
Izindlu eziningi sezinwetshiwe, umasipala ukhala ngokuthi akuzange kulandelwe imithetho ngesikhathi zinwetshwa.
IMeya yoMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, uthe le ndawo isiphenduke yaba ikwampunz’ edla emini.
Ukusho lokhu ngesikhathi benomkhankaso wokuyobheka ukuthi imithetho yomkhandlu iyalandelwa yini.
UThebolla uthe abafike bakuthola kule ndawo kubashaqisile.
“Bengihlezi ngizwa kuthiwa kukhona indawo okuthiwa kukwaMachanca, bengingakaze ngiyibone. Sithole imijondolo la. Le mijondolo idlula lena ekoGomora, nakwezinye izindawo, itholakala edolobheni. Lapha abantu bazakhele nje angazi ukuthi bakha kuphi. Abantu kufanele bazi ukuthi kunemithetho lana.”
UThebolla ufunge ngokuthi bazothathelwa izinyathelo osomabhizinisi abaphambana nomthetho.
“Njengoba silapha asizile nje ukuzokhuluma, sizobuya sesihamba nazo zonke izinhlaka zomthetho. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu ozokhala ngokuthi kunyathelwa amalungelo akhe. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umthetho uyalandelwa eMsunduzi.
“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi imithetho yomkhandlu iyalandelwa. Sibonile ukuthi enye yezindawo lapho edolobheni ezinenkinga yokulandelwa kwemithetho. Abantu bazenzela umathanda, imithetho ayilandelwa nhlobo.”
UThebolla uthe zikhona izinyathelo abavele sebezithathele osomabhizinisi abaphula imithetho.
“Akusikhona okokuqala sifika lapha. Sekunesikhathi siqhuba umkhankaso wokuhlola ukuthi imithetho iyalandelwa yini. Akhona amabhizinisi esesiwavalile ngoba sithole ukuthi enza okuphambene nomthetho. Njengoba besilapha besisaqhubeka kulokho.”
Le ndawo ihlezi igcwele izimoto eceleni komgwaqo. UThebolla uthe bazoqala uhlelo lokuthi izimoto ezima kule ngxenye yedolobha ziyakhokha.
“Nakuba lungakabi bikho uhlelo lokukhokhela ukupaka lapha eMsunduzi, kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi izimoto ezima lapha ziyakhokha. Sizoqala nje silungise izindawo zokuma izimoto.”
UThebolla uthe basazogasela nakwezinye izingxenye zedolobha.
Uthe bafuna ukuthi amabhizinisi abuyele ebantwini abamnyama.
“Kunezinto nje ongalindele ukuthi zenziwe abanye abantu, ezingenziwa ugogo Dlamini. Sifuna ukuthi umnotho ubuyele ebantwini.”