IMEYA kaMasipala iKing Cetswayo, uMnuz Thami Ntuli, ithi ngabantu okufanele batshele umkhandlu ukuthi bafunani, bese uyabenzela kungabi yiwona obanqumelayo. UNtuli ubephawula ngesikhathi kunomkhankaso wokuhambela izindawo ezingaphansi kwesifunda sakhe bethula izinhlelo zentuthuko edidiyelwe.
Izolo umkhandlu iKing Cetshwayo oholwa wuNtuli, ubungenise enkundleni yezemidlalo KwaNxamalala, eNkandla. Kanti umkhankaso wawuqale kuMasipala Umfolozi, waya eMlalazi, wadlulele eMthonjaneni.
“Umkhandlu kufanele uye kubantu uyolalela futhi uxoxisane nabo uzwe ukuthi badinga ini. Intuthuko edidiyelwe isuke isho ukuthi umkhandlu ubuyisela umbiko kubantu ngokuthi izinhlelo okwakuxoxwe ngazo zihamba kanjani,’’ kuphawula uNtuli.
Uthe izinhlelo abanazo ezokulungisa udaba lwamanzi nokuthuthwa kwendle, bethule izinhlelo zentsha bayilekelele ngokungena ezikhungwnei zemfundo ephakeme. UNtuli uthe kuzobuya nendumezulu yomcimbi wamahhashi iKing Cetshwayo July, lapho bezonikeza abesifazane abagibela amahhashi, amathuba.
UNtuli uthinte nodaba lohlelo lwezimbuzi olunikezwa izinhlangano zomphakathi ukuthi ziqhube amabhizinisi. Wathi luhamba kahle futhi maduze nje, bazophinda bakhiphe ezinye ezingu-500. UNtuli uthe isifunda sakhe sinothile ngomlando othinta indlunkulu kaZulu ngakho kufanele bawusebenzisele, ukuheha izivakashi.