IMEYA kaMasipala waseJozini uMnuz Mfananaye Mathe, ithe kufanele kuhlalwe phansi kubhekisiswe indlela okusebenza ngayo izigungu ezilawula izikole ngoba zibuye zithwalise kanzima othishomkhulu.
UMathe ozibiza ngenkosi yezimeya, ubekhuluma emcimbini wokuklonyeliswa kwabebefunda u-matric abenze kahle. IJozini ingaphansi kwesifunda uMkhanyakude esizishaye zonke emakhanda ngemiphumela emihle.
Kuze kwaphuma ngaphansi kwaso umfundi obaqwaqwade bonke uKuhlekonke Khumalo waseMandla Mthethwa School of Excellence, eNdumo.
Imeya ithe nayo iyingxenye yesigungu esilawula isikole, yazi kabanzi ngomsebenzi waso.
“Izigungu ezilawula izikole zigcina ziqinela othishomkhulu zifune ukuphatha isikole. Azibeseki othishomkhulu kodwa ziyabaphatha okuyinto engeyinhle. Kuqhamuka indoda nje iphethe ucelemba idlula iyogawula ingene esikoleni ishaye umthetho. Sidinga ukuthi ibhekwe kabanzi indaba yezigungu ezilawula izikole,’’ kusho uMathe.
Umcimbi ubuthanyelwe nawuSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal oyiMeya yaseKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli.
Unxuse ukuthi izikole zesekwe ngayoyonke indlela ukuze ziqhubeke nomsebenzi omuhle.
UNtuli ukhale ngezinto eziningi nezokuphepha athe kufanele ziqiniswe ezikoleni ngoba othisha basebenza bejeqeza.
Ugcizelele ukuthi othisha abasebenza ezindaweni zasemakhaya kufanele bathole uchatha othe xaxa.
“Uma ngikhuluma nothisha yingoba ngiyaziqonda izinkinga zabo, nami ngibe wuthisha iminyaka ewu-20. Othisha ababongwa ngendlela efanele, babhekene nezinkinga. Ngisho imithetho eshayiwe iyabanqinda ukuthi bafake izingane endleleni ngokufanele,’’ kusho uNtuli.
Kulo mcimbi kunconywe kakhulu uMnuz Mjozi Motha onguMqondisi wesifunda okuthiwa usebenza ngokuzikhandla ukukhipha imiphumela emihle.