IFOLOSA ngentsha, abefundisi bamahlelo ahlukene, izishoshovu ebezihola imikhandlu yezitshudeni, abaholi bomdabu, izazi zomthetho, amaciko, abaphila nokukhubazeka, abathandana nobulili obubodwa kanjalo neminye imikhakha iqembu Umkhonto weSizwe ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe.
Kuye ngokwamagama enkehli omholi waleli qembu uJacob Zuma, owayengumengameli wezwe kanjalo ne-ANC.
UZuma wayekuveza njalo uma ekhankasela ukhetho ukuthi leli qembu lizohluka kunamanye uma sekujutshwa amalungu ePhalamende naseziShayamthetho.
Wayekusho engahlonizi ukuthi kumele abaholi bomdabu babe sekhaleni lokuya ePhalamende.
Lokhu kugqame kuleli sonto ngesikhathi kufungiswa amalungu amasha ePhalamende amele leli qembu eKapa.
Kwabafungisiwe kukhona abefundisi bamahlelo ahlukene, abaholi bomdabu, ababekwi-ANC, kanjalo nalabo ababekwi-ANC Youth League.
Kukhona nosopolitiki abebenamaqembu abo okubalwa uMnuz Andile Mngxitama weqembu iBLF.
Kukhona nenkosi yesizwe samaKhoi-San, uDkt Glen Taaibosch, uMbhishobhi uDkt Nokwethemba Mtshweni, uMfundisi Lungisani Shangase wase-United Congregational Church of Southern African KwaMashu, uMnuz David Skosana odume ngelikaMazolman owayekhulumela iqembu lebhola iSuperSport United FC ongumyeni ka-Advocate Busisiwe Mkhwebane owakhishwa kwesikaMvikeli woMphakathi. U-Advocate Mkhwebane uyilungu lePhalamende elimele i-EFF.
Omunye wabafungisiwe owayengumholi wentsha ye-ANC eHarry Gwala, uMnuz Sibonelo Nomvalo, uMnuz Kwenzokuhle Madlala owayesemkhandlwini wezitshudeni eMangosuthu University of Technology.
Omunye wabafungisiwe uNksz Nompumelelo Gasa osebuholini baseMatthews Meyiwa Zone, eHammarsdale, kuwadi 7 eThekwini.
Uthe njengomuntu osemusha uzogxila ezintweni ezithinta imigomo nasezintweni ezithinta ukukhuliswa komnotho nokwakha amathuba emisebenzi.