ISILO Samabandla uGoodwill Zwelithini sinxuse uhulumeni sithi akubhekisiswe kabanzi uhlelo lwezibonelelo zikahulumeni ngoba lukhuthaza abantu ukuthi babe ngamavila.
Sikhuluma embizweni ebisenkundleni yezemidlalo Ondini izolo lapho kade kukhunjulwa khona impi kaJulayi 4, 1879, okwahlaselwa kuyo isigodlo seSilo uCetshwayo kaMpande Ondini, iSilo sithe sinombono kuhulumeni othi ake wenze kube umgomo ukuthi labo abathola imali, ikakhulukazi intsha, bafundiswe ngokwamakhono ukuze bakwazi ukuziphilisa noma bengasayitholi imali yesibonelelo.
“Lolu hlelo lungahlanganiswa nezikhungo eziqeqesha ngokwamakhono ezikhona kuzona zonke izifunda. Ngicabanga ukuthi laba bantu kungathi uma sebeqeqeshiwe bathole imisebenzi komasipala, isibonelo nje uma beqeqeshelwe ukuthi bafake amapayipi amanzi, okusho ukuthi omasipala ngeke besadinga ukuthi bakhiphe amathenda uma kuzolungiswa indaba yamanzi ngoba bakhona abantu abasohlwini endaweni,” kusho iSilo.
ISilo siphinde saphakamisa ukuthi kubhekisiswe nohlelo lwamathenda.
“Uhulumei wesifundazwe kumele azihlele kabusha ekutheni uyiphaka kanjani imali, isibonelo uzibuze ukuthi ngabe uhlelo lwamathenda oseluvamise ukucebisa idlanzana lungeguqulwe kancane ukuze othole ithenda kube sampoqo ukuthi abe nabantu bendawo, khona lapho ake abuke futhi uhulumeni ukuthi ngeke yini ukuthi kube sampoqo ukuthi uma unikwe ithenda kube nengxenye yemali oyibekela ukuthi uthuthukise umphakathi ngamakhono kuleyo ndawo osebenza kuyo, ngiyacabanga uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zihakala ukuthi uma ningahlala phansi niyibuke le nto kukhona lapho singathola khona intuba yokuthi sithuthukise imiphakathi yethu,” kusho iSilo.
Sikhale kakhulu nangesihlava esesandile sokushiswa kwamaloli emigwaqweni enguthulewayeka uN3 nakuN2.
“Lokhu esikubonayo kushiswa amaloli ngezinye zezinto ezisithusayo ngoba asizazi ukuthi uma kudingwa izimfuno abantu babone ukuthi kungcono bacekele phansi impahla.
“Lezi zinto MaZulu kuhle nginitshele, kwenza nginganithetheleli nani ukuthi niyingxenye yokugila le mikhuba ngoba noma ngabe bakhona abaqhamuka ngaphandle bezongcolisa isifundazwe sethu kodwa nani ningcolile. Iyekeni le nto ngoba ilimaza isimo somnotho hhayi eKZN kuphela kodwa ezweni lonke,” kusho iSilo.
Siphinde yazwakalisa ukukhathazeka ngokungcola ezindaweni ezihlala abantu, kubalwa nasemadolobheni.