Kuyacaca ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bazoba ngamabekankosi emva kokhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu, olukhonjwa maphakathi nonyaka.
Amaqembu ezepolitiki aqavile asevele ememezelile ukuthi azokwethula imiqulu yezethembiso zawo zokhetho kulesi sifundazwe.
Umqulu wokhetho usuke uqukethe izethembiso futhi ufana nezagila iqembu elizingela ngazo ekuhlwayeni amavoti. Iqembu neqembu lisuke lizama bonke ubuciko ukuze umyalezo walo uhehe.
Sekuvele kuqaliwe kushanelwa amabala, wena owabona kuzongena umlobokazi, kulungiselwa ukhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu. Amaqembu aseqalile azishelela abavoti, ayanyundelana kunjeyaya, ukuze azakhele ugazi.
Kubukeka sengathi inyanga uFebhuwari izoba nesiphithiphithi esihlobene nepolitiki ngoba nabe-IEC bazophinde bavule ithuba lokubhalisela ukuvota ngayo le nyanga.
Inhlangano ebusayo i-ANC imemezele ukuthi izobe ikanise KwaZulu-Natal lapho ezokwethula khona umyalezo wezethembiso zokhetho. I-ANC ithi usuku olukhulu kuyoba wuFebhuwari 24 enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.
I-ANC ibukeka izothwala kanzima kulolu khetho, kangangokuthi baningi abakholwa wukuthi isengozini yokuphuma emandleni. Okunye osekuyicindezela kakhulu wukuhlamukwa owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, osehamba neqembu elisha uMkhonto weSizwe.
I-ANC, nakuba yabuyela emandleni ngo-2019, kodwa kwagqama ukwehla kokwesekwa kwayo. Ngo-2021 ilahlekelwe omasipala abaningi okhethweni lohulumeni basekhaya.
Ngaphandle kwe-ANC ezozama amavoti eThekwini, kukhona i-EFF nayo esivele izinzile esifundazweni. I-EFF izokwethula umqulu wezethembiso zokhetho ngoFebhuwari 10 khona enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukubeke kwacaca ukuthi bafuna ukuthola inkindlane yamavoti bangene kuhulumeni wesifundazwe. Uthe uyethemba ukuthi kuzokwenzeka lokho ngoba basebenza kanzima usuku nosuku.
Kuthe kusabhekwe i-ANC ne-EFF abayizimbangi ezinkulu, kwavela ukuthi i-IFP nayo ibheke khona eMoses Mabhida iyokwethula wona umyalezo wayo wezethembiso zokhetho.
I-IFP izokwethula umqulu wezethembiso zokhetho ngoMashi 10 kuyo le nkundla yodumo lweNdebe yoMhlaba ka-2010.
I-IFP iyiqembu eliphambili kwaphikisayo KwaZulu-Natal futhi inenqwaba yomasipala ebaphethe. Okhethweni olwedlule ibonakale yenyukelwa wukwesekwa okhethweni. Yake yaba semandleni esifundazweni ngaphambi kokuthi ikhishwe yi-ANC.
Yaziwa ngani le nkundla iMoses Mabhida?
Inkundla iMoses Mabhida eyakhiwe ngendlela eyehlukile ehehayo kubantu, ivulwe ngo-2009 ngesikhathi kulungiselwa iNdebe yoMhlaba yebhola. Le nkundla imumatha abantu abangu-56 000 uma igcwele kahle yathi phama.
Yakhiwe emgwaqweni u-Isaiah Ntshangase, eStamford Hill. Abasuke bephuma bebheke enyakatho nesifundazwe badlula ngayo. Kanjalo nabasuke bengena bevela enyakatho bakhangwa yiyona le nkundla.
Yaba sematheni kakhulu kwadlalelwa kuyona eminye imidlalo yendebe yomhlaba. Le nkundla iqanjwe ngesishoshovu se-SACP ne-ANC uMnuz Moses Mabhida ongasekho emhlabeni.
Umufi uMabhida wabamba iqhaza elikhulu emzabalazweni wenkulueko kuleli, yingakho ehlonishwe ngokuthi kuqanjwe ngaye inkundla.
Kungani amaqembu ekhetha lesi sifundazwe?
Umholi we-EFF uMalema echaza ngesinqumo sabo sokuza e-KZN, uthe okhethweni olwedlule bathola amavoti amaningi ngendlela ababengayilindele khona.
“Samangala uma sithola amavoti acela ku-300 000 sizihlalele nje singalindele. Lokhu kwasivezela ukuthi abantu baKwaZulu-Natal balambele i-EFF bayayifuna ize kubona. Siyabona ukuthi kuyethembisa impela yingakho sithe asisosondele sitshele abantu ukuthi sesifikile,’’ kusho uMalema.
Okhulumela i-IFP kuzweleonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, echaza ngesinqumo sabo sokukhetha iMoses Mabhida uthe bavumelene ngo-elethu.
“Ikomiti elihlelayo lithe uma libheka izindawo kwagqama igama leMoses Mabhida, ladluliselwa esigungwini esiphezulu, lamukeleleka ngo-elethu,’’ kuchaza uHlengwa.
UNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, wamemezela ukuthi bakhethe iKwaZulu-Natal. Nakuba engachazanga kabanzi ngesinqumo sabo kodwa wachaza lesi sifundazwe njengekhaya labo bewumbutho.
Omunye umbuzo obalulekile owokuthi bazokwazi yini ukugcwalisa inkundla ngoba inkulu impela. Womathathu amaqembu alibeka ngembaba elokuthi ayazethemba ukuthi azogcwalisa inkundla.
Izinto ezivame ukuheha osopolitiki KwaZulu-Natal :
Kuyaziwa ukuthi amaqembu asina ededelana eyokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini futhi ayenza kanjalo nangesikhathi seSilo uZwelithini kaBhekuzulu. ISilo sinendawo ehlonipheke kakhulu esifundazweni futhi siyathandwa.
Abantu abangaMaZulu baningi kakhulu e-KZN okwenza kubukeke sengathi amaqembu asuke ezama ukungena ngeSilo. Ziningi futhi izindawo ezingaphansi kwamakhosi esifundazweni.
Amaqembu abuye abonakale ekhonze ukuvakashela ibandla lamaNazaretha, eyocela izibusiso aqhube nemikhankaso yawo yokhetho. Ibandla lamaNazaretha linezigidi zamalungu okungenzeka ukuthi iningi lawo liyavota.
Kungenzeka amaqembu ukuthi ayakuqonda ukuthi kufanele angenise kanjani uma efuna ukuthola amavoti amalungu aleli bandla elasungulwa ngumuntu omnyama e-KZN.Abantu base-KZN kufanele bakuqonde ukuthi banamandla angakanani okuthatha izinqumo kulolu khetho. Kufanele bangazitheli ngabandayo kodwa basebenzise amandla abo.
Banjengentombi elandelwa yizinsizwa eziningi, okufanele izinike isikhathi izibheke zonke ngaphambi kokukhipha ucu. Njengoba kubhekwe okhethweni nje, amaqembu azodeka amatafula awo ehlukene bese kuba kubona abantu balezi sifundazwe ukuthi babona kanjani.