IKOMITI lePhalamende elibhekelele ukusebenza koMnyango wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, lifuna ukuba nomhlangano ophuthumayo neSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini. Inhloso yomhlangano wukudingida umdonsiswano wokulawula isikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.
Ikomiti lithathe isinqumo sokubhalela iMbube, licela umhlangano ophuthumayo.
Lokhu kudalulwe ngusihlalo wekomiti, uMnuz Albert Mncwango, esitatimendeni asikhiphe ngemva komhlangano wekomiti.
NgoLwesibili ikomiti lihlangane noNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Mzwanele Nyhontso, lapho ezwakalise khona ukukhathazeka ngomdonsiswano wokulawula iNgonyama Trust.
Sibi isimo kwiNgonyama Trust njengoba iMbube, engusihlalo webhodi, yabhala izincwadi ezimisa wonke amalungu ebhodi, nezinye izikhulu zesikhwama.
Nakuba uNyhontso abhalela iMbube, eyitshela ukuthi ayinawo amandla okumisa amalungu ebhodi, umdonsiswano uyaqhubeka ngoba abaqokwe yiSilo ukuba balawule ukusebenza kweNgonyama Trust, bayaqhubeka nokukhipha imiyalelo kubasebenzi beNgonyama Trust.
UMncwango uthe abazokugcina nje ngokuhlangana neSilo kuphela, wathi bazophinde baxoxe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.
“Sifuna ukuthola umsuka walo lolu daba. Sizozifikela mathupha, sizozwa.”
UMncwango uthe bakhathazekile ngokuthi ukumiswa kwamalungu ebhodi kungase kuphazamise ukusebenza kweNgonyama Trust.
“Siyazi ukuthi iNgonyama Trust ibambe iqhaza elibalulekile ezizweni zamakhosi ezakhe ezindaweni ezingaphansi kweNgonyama Trust.”
UNyhontso utshele amalungu ekomiti ukuthi wenza isicelo sokuba nomhlangano ophuthumayo neSilo, kodwa lokho akwangenzeka ngenxa yokuthi iMbube ibigonqile ngoba bekuqhubeka uMkhosi woSelwa.
UNyhontso uthe abameli abaqokwa yiMbube bayaqhubeka nokukhipha imiyalelo yize yena akubeka kwacaca ukuthi ukuqokwa kwabo akukho emthethweni.
Amalungu ekomiti athe udaba seluhambe kakhulu, athi kufanele kungenelelwe.
Ilungu le-EFF, uMnuz Sam Matiase, lithe inkinga enkulu lapha ukuthi iMbube imile ekutheni inamagunya okumisa amalungu ebhodi ekubeni umthetho usho okunye.
“Manje lesimo senza kube sengathi thina siqophisana neSilo. Kufanele sikugweme ngakho konke okusemandleni ethu ukuphikisana neSilo. Kodwa lokho akufanele kusivimbe ekutheni siphenye izinsolo zokungahambisi kahle kulesi sikhwama.”
Ilungu leDA, uMnuz Mlindi Nhanha, lithe kubukeka sengathi alikho elingashoni nezalo lapha kwiNgonyama Trust.
“Usuku, nosuku kuqhamuka okusha. Kufanele sihlale sigadile ukuthi ikuphi okusha okwenzakalayo.”
UNhanha uthe ikomiti kufanele licele iMbube ukuthi ike ithi ukuma kancane ukubhala izincwadi zabameli, kuze kube ihlangana namalungu ekomiti.