IKHOMISHINI yezoKhetho kuleli, i-IEC, inxuse abamanqika ngokuvota ukuthi babhalise ukuze kube lula uma sebeshintsha umqondo ekuhambeni kwesikhathi.
Isikhulu esiphezulu sekhomishini, uMnuz Sy Mamabolo, sithe labo abangakazi noma bazovota kubalulekile ukuthi babhalise, bazonquma uma sekusondele isikhathi sokuvota ukuthi bayaya noma cha.
Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba izolo eGoli ekhuluma ngamalungiselelo angempelasonto njengoba bevule iwindi lokuthi abantu babhalise.
Uthe baqashe abasebenzi abangu-69 718 abazobe besebenza ngempelasonto.
“U-53 028 wabo ngabesifazane kuthi abangu-16 690 kube ngabesilisa. U-35 640 wabazosebenza bangaphansi kweminyaka engu-35. Abangu-26 475 baphakathi kweminyaka u-36 no-50. U-50 213 wabaqashiwe abasebenzi.”
Unxuse nababhalisile ukuthi bayobheka imininingwane yabo ukuthi kuseyiyo.
“Bangashayela nenombolo ethi:0800 118000. Bangathumela noWhatsApp ku:0600 88 0000 ukuze bakwazi ukuthola ulwazi oluthe thuthu.”