UMFELANDAWONYE wezinyunyana iCosatu uzwakalise ukukhathazeka ngezinsolo zokushaya ebezibhekiswe elungwini lePhalamende le-ANC, uMnuz Mduduzi Manana ebelisolwa ngokushaya umsebenzi wakwakhe wasendlini.
UManana ubebekwe icala lokushaya uNkk Christine Wiro (43) obekhala ngokuthi waphushwa nguManana ezitebhisini walimala emuva kokuvulela umuntu owayengqongqoza.
Leli cala belivulwe esiteshini samaphoyisa, iDouglasdale eGauteng kodwa lahoxiswa izolo.
UBrigadier Mathapelo Peters obhekele ezokuxhumana emaphoyiseni aseGauteng uthe: “Ummangali ulihoxisile icala ngeSonto. Akukho esikuphenyayo njengamanje.”
UMnuz Sizwe Pamla weCosatu ucele i-ANC ukuthi iqinisekise ukuthi amalungu ayo avikela abasebenzi ngoba akwamukelekile ukuxhashazwa kwabasebenzi basezindlini.
Ukhale ngokuthi abasebenzi basezindlini bayaxhashazwa futhi abaholelwa kahle.
“Abasebenzi basezindlini basemazweni angaphandle baholelwa kancane futhi babanjelwe amaphepha abo okuhlala kuleli. Asifuni kube khona umsebenzi oxhashazwayo. Sicela iHuman Rights Commission ivikele abasebenzi,” kusho uPamla.
UMnuz Bafana Khumalo weSonke Gender Justice uthe baphoxekile ngokusulwa kwecala likaManana ngoba usola ukuthi uNkk Wiro usatshisiwe.
“Kwi-video ephumile uNkk Wiro uzwakala ethi uManana wamsabisa ngokuthi uzombuyisela kwelakubo. Lokhu kuyasikhathaza ngoba kungenzeka ukuthi ulisulile icala ngoba esaba ukubuyiselwa eZimbabwe. Sifisa i-ANC imhoxise ePhalamende ngoba unesandla esilula kwabesifazane,” kusho uKhumalo.