IKHABHINETHI lakuleli lizosiphonsela inselelo isinqumo esikhishwe yiNorth Gauteng High Court, sokuthi imithetho eyashaywa ngaphansi kwesigaba sesine nesesithathu njengesiphambana namalungelo abantu akumthethosisekelo wezwe.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, uMnuz Jackson Mthembu.
Uthe inhloso yokushaywa kwale mithetho, kwakuwukusindisa impilo yabantu.
NgokukaMthembu, inselelo bazophinde bayiphonsele kuyona inkantolo eyakhipha lesi sinqumo.
“Ngaphambi kokuthi udaba siludlulisele eSupreme Court of Appeal, sizoqala kuyona iNorth Gauteng High Court okuyiyo eyakhipha lesi sinqumo,” usho kanje.
Uthe ngeke baphuthume ngokuya eNkantolo yoMthethosisekelo wezwe.
Ngokusho kwakhe, ukushaywa kwemithetho ngaphansi kwezigaba ezagxekwa yile nkantolo, kwakuwukunciphisa ukusabalala kweCovid-19, njengoba namazwe omhlaba alishayela ihlombe elakuleli ngokwazi ukunqanda ukusabalala kweCovid-19.
Uthe iKhabhinethi liphinde lavumelana ngokuthi njengezwe isikhathi semithetho esihambisana nokushaywa komthetho iDisaster Management Act yeCovid-19.
Ngokwakhe, le mithetho ukusebenza kwayo kulindeleke ukuthi kuphele ngoJuni 15, kodwa iKhabhinethi yasandisa kuze kube uJulayi.
Uthe iKhabhinethi lizokuqikelela ukuthi ihlale isengeza lesi sikhathi ngenyanga eyodwa noma ezimbili ngokuhamba kwesikhathi.
“IKhabhinethi liphinde lazwalise ukukhathazeka ngokukhula kwesibalo sokusuleleka kwabantu ngeCovid-19 eWestern Cape. Yingakho uMengameli Cyril Ramaphosa ezohambela khona eyohlola isimo,” usho njalo.
Kulolu hambo uRamaphosa uphelezelwa uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula ophethe ezokuVikela kuleli, uNkk Angie Motshekga ophethe ezeMfundo eyisiSekelo, uMnuz Bheki Cele ophethe amaPhoyisa kuzwelonke, nabanye ongqongqoshe.
Uthe iKhabhinethi liphakamise nokuthi kuvikelwe izingane njengoba kuyisonto lokugubha ukunakekelwa kwazo umhlaba wonke.
Udaba lokushoda kwamanzi, uthe nalo alusalanga ngaphandle ngenkathi iKhabhinethi libhunga.
“Ukwehla kwamazinga amanzi ikakhulukazi emadamini aseWestern Cape, kube ezinye zezinto ezixoxwe yiKhabhinethi njengezikhathazayo,” usho njalo.