IKHABHINETHI isiyalele uNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uNkk Sindisiwe Chikunga, ukuthi aqinisekise ukuthi ayasuswa wonke amatekisi aphambana nemithetho yezwe.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba ePitoli emva komhlangano weKhabhinethi.
Uthe kumele wonke amatekisi asebenze ngaphansi komthetho.
Usho lokhu kulandela umbhikisho wamatekisi okhiphe izidumbu eWestern Cape, phakathi kwenhlangano yamatekisi iSantaco nomasipala waseKapa.
“IKhabhinethi ichazeliwe ngokwenziwa umasipala waseKapa ofuna ukufaka imithetho yawo ephambana nemithetho yeNational Road Traffic, yango-1996 neNational Land Transport Act, yango-2009. Le mithetho ibalula izinto ezithinta imali okumele ikhokhwe uma uphambana nemithetho ebekiwe.”
Unxuse iSantaco ukuthi iqinisekise ukuthi umbhikisho wayo unokuthula futhi awuphazamisi amalungelo abanye.
Uthe amaphoyisa ayalelwe ukuthi aqinisekise ukuthi abantu baphephile nokuthi abafundi kanjalo nabasebenzi bayakwazi ukufinyelela ezindaweni abaya kuzona.
Bahlanu abantu okubikwa ukuthi sebeshonile selokhu kuqale isiteleka ngeledlule.
UNkk Chikunga ekhuluma nabezindaba ukhale ngokuthi osomatekisi bakhala ngokuthi kumele bakhokhe uR2500 uma befuna kudedelwe izimoto zabo.
Uthe bakhale nangokuthi uma kuke kwaba nezinkinga ezincane ezimotweni ziyathathwa ziyovalelwa.
“Ezinye izinto izimoto ezithathelwa zona amaphoyisa zithinta ukufa kancane kwethoshi. Abanye bathi ngisho umshayeli ehamba yedwa uma eke wabanjwa ebhema, imoto iyathathwa. Ezinye zazo zincane kakhulu ukuthi izimoto zingaze ziboshwe,” kusho uNkk Chikunga.
Khonamanjalo uNksz Ntshavheni uthe sekumi ngomumo ngomhlangano wamazwe angaphansi kweBRICS okuyiBrazil Russia, India, China nelakuleli ozoba seGoli kusuka ngo-Agasti 22 kuya ku-Agasti 24.
Umemezele nokuqokwa kukaMqondisi jikelele omusha eMnyangweni kaMgcinimafa uMnuz Duncan Pieterse, ovale isikhala sikaMnuz Dondo Mogajane, osule nyakenye.
UPieterse uneziqu zeBachelor of Business Science, MBA nezobudokotela kwi-Economics zasenyuvesi yaseKapa.