IHLALELE ovalweni imenenja kaMasipala waseNdumeni, uMnuz Sithembiso Ntombela, okudutshulwe kwabulawa umqaphi wayo ngezinhlokohlela zezibhamu.
Umqaphi kaNtombela, uMnuz Ndumiso Ncolwane, udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu, ngoMgqibelo.
Kuthiwa uNcolwane udutshulwe ngamadoda amane abephethe izibhamu ezine ngaphandle komuzi wakubo eMtshezi.
Udutshulwa nje uNcolwane, imibango yangaphakathi emkhandlwini ishisa phansi.
Kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya, uMnuz Siyabonga Ndlovu, kuphinde kube nezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe ezikhulwini zomkhandlu.
UMasipala waseNdumeni uphethwe ngokubambisana i-IFP neDA, iDA iyona efake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdlovu.
Nakuba uNtombela ethe akafuni ukuyamanisa ukudutshulwa kukaNcolwane nokwenzeka emkhandlwini, uthe kumthusile ukubulawa kwakhe okwenzeke ngesikhathi isimo simazonzo emkhandlwini.
UNtombela uqhube wathi uNcolwane uditshulwa nje, emasontweni amabili edlule utshelwe ngelinye ikhansela ukuthi kunenkabi esithengiwe ukuthi ilisoconge.
“Kungabuhlungu uma kungathiwa lo mdonsiswano usuze wafika kuleli zinga lokuthi kube khona abagudluzwayo endleleni. Khona kubukeka sengathi isize yafika kulelo zinga. Siyathemba ukuthi amaphoyisa azokwazi ukuphenya,”kusho uNtombela.
UNtombela uqhube wachaza ukuthi uNcolwane ubengakaze abike lutho ngaphambi kwesigameko sangoMgqibelo. Uthe into abeyazi nje ukuthi kunomfowabo owabulawa ngakho ukudutshulwa ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Echaza ngokubulawa kukaNcolwane, uNtombela uthe bagcine ukubonana ngoLwesihlanu.
“Sahlukana engumuntu oya ekhaya. Uma bengilandisa ekhaya bangitshele ukuthi wadutshulwa ephuma edolobheni, ngoMgqibelo ekuseni. Bangitshele ukuthi kwavele kwavumbuka amadoda amane ayefulathele, abe esevulela ngentululwane yezinhlamvu. La madoda ayephethe izibhamu ezinkulu.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, (comment pending).
Ikhansela laseNdumeni, elicele ukuba igama lalo lingadalulwa lithe, iyathusa indlela uNcolwane abulawe ngayo.
“Uyabona ukuthi bebefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi bamshiya efile. Lokhu ke kushiya imibuzo yokuthi ngabe yini le engaka ayenzile ukuthi usengaze abulawe ngesihluku esinje? Kungenzeka ukuthi abantu abambulele bebefuna ukuthumela umyalezo oqinile. Asazi-ke ukuthi lowo myalezo ubhekiswe kubani.”