UMLINGISI osemncane uShalate Sekhabi, olingisa indawo kaShoki emdlalweni iHouse of Zwide, uthe ufuna abantu babheke umsebenzi wakhe, bakhohlwe wukuthi uyindodakazi yenkakha kwezamafilimu.
Exoxa neSolezwe mayelana nendawo kaShoki ayidlala kwiHouse of Zwide ku-eTv, uthe akazange le ndawo ayithole kalula, kodwa konke kwenzeke ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla.
UShalate (22) ungowokuzalwa eMafikeng, eNorth West kodwa okhule ePitoli uthe ukuthola kwakhe indawo kaShoki ngonyaka odlule, kwenza wabona ukuthi icebo longabonwayo ngeke livinjwe muntu.
“Okwenze izinto zabalula wukuthi ubaba uyi-Artistic Director eThe State Theatre, kuthi umama yena usebenza eMnyangweni wobuCiko namaSiko, okwenze kwalbaula ukufunda ezinye izinto futhi bahlale bengikhuthaza ukwenza kahle,” kusho uShalate, osanda kuphothula iHonour’s Degree in Film and Television eWits University.
Uyindodakazi yomqondisi wamafilimu osemnkantshubomvu u-Audrey Sekhabi, osesebenze kwezamafilimu kusukela ngo-1985. Eminye yemisebenzi yakhe kubalwa ifilimu iRivonia Trial, nethi The Story of Solomon.
UShalate oseke walingisa kafishane emdlalweni iThe River kwi-1 Magic uthe ukuba sendimeni efanayo nabazali bakhe, kumsizile ukuthi acije ikhono lakhe ngoba kuningi abamfundise kona ngendima yokulingisa, kodwa ekugcineni umsebenzi wonke kuze kuba ubonakala emidlalweni emikhulu, kuyizithelo zezithukuthuku zakhe.
Eqhuba, uthe kuyamjabulisa ukulingisa kulo mdlalo ongomunye wehamba phambili, kodwa akuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi ngoba zikhona izikhathi zobunzima.
“Ngisaqala benginenkinga yolimi ngoba mina ngikhuluma isiTswana nesiNgisi, kuthi emdlalweni kube nabalingisi abakhuluma isiZulu. Ngabanenkinga ngoba angisazi kahle. Enye inkinga engihlangabezane nayo wukuthi bengingenalwazi kahle mayelana nempilo yaselokishini. Kudingeke ngizihluphe ngokwenza ngocwaningo, ngihambele elokishini iThembisa, ukuthola kabanzi ukuthi abantu baselokishini baphila kanjani.
Uxwayise ontanga yakhe abasafuna ukungena kwezokulingisa ukuthi bangacabangi ukuthi kulula ngoba ukulingisa kungaphezu kwabakubona kwithelevishini.
“Kudingeka ukuthi usebenze kanzima, wenze ucwaningo ngezinto eziningi futhi uwuthande umsebenzi wakho, ukuze uzowenza kahle. Akusibona ubukhazikhazi enibubona kwithelevishini kuphela, kusetshenzwa kanzima ukuze kwenzeke izinto ngendlela efanele,” kucebisa yena.
Ngaphandle kokulingisa le ntokazi icula iRnB. Usevele unengoma ethi Trust.
Uthe ujabule ngokuphothula izifundo zakhe ngoba usezothola ithuba nesikhathi okwanele ukuqopha umculo azowukhipha maduze.