IPHINI likaNgqongqoshe wezokuVakasha, uMnuz Fish Mahlalela lithe ubalulekile umbukiso omkhulukazi wezokuvakasha kuleli i-Africa’s Travel Indaba njengoba ungenisa uR408.6 million emnothweni wezwe.
UMahlalela uthe konke kumi ngomumo nge-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka ezoba ngoMeyi 13 kuya ku-16, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi ngonyaka odlule i-Africa’s Travel Indaba yadala amathuba omsebenzi awu-2 295, yangenisa uR75 million wentela eye kuhulumeni.
Uthe kulo nyaka bazoletha osomabhizinisi abasafufusa abawu-120 bewuMnyango wezokuVakasha kazwelonke, ukuze bakwazi ukuzikhangisa.
“Sifuna ukushintsha umkhakha wezokuvakasha ukuze ube nabo bonke abantu bakuleli. Siyazi ukuthi kugcwele abasebenzi besifazane kulo mkhakha kodwa asibaboni ezikhundleni zokuphatha. Sifuna ukukushintsha lokhu ukuze sibabone yonke indawo,” kusho uMahlalela.
Uthe umkhakha wezokuvakasha uyakwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi ngakho uma wona usebenza kahle, umnotho uzokhula nabantu baqashwe.
USihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, uMnuz Thembo Ntuli, uthe i-Africa’s Travel Indaba iza namathuba omsebenzi awu-796 eThekwini. Balindele ukuthi ingenise uR439 million emnothweni waleli dolobha.
Uveze ukuthi amahhotela asebhukhwe ngaphezu kuka-85% njengoba kuza i-Africa’s Travel Indaba futhi akangabazi ukuthi azogcwala.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe bazoletha osomabhizinisi abasafufusa abawu-15 abazokhangisa imikhiqizo yabo kwi-Africa’s Travel Indaba ukuze bakwazi ukukhula.
Uthe lo mbukiso ubalulekile ngoba ufukula umnotho wesifundazwe iKwaZulu-Natal kwazise abawuhambelayo baphenduka amanxusa alelizwe.