KUBUKEKA sengathi iphekwe nenyongo yavuthwa, ayisadleki iyababa odabeni lowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma nenhlangano ebusayo, i-ANC.
Isinyathelo sokuzama ukuqondisa uZuma ubugwegwe kungafana nokucathamela imamba isendlini ngoba ingase ibe yingozi uma uke wayigeja.
UZuma umemezele ukuthi usehamba neqembu, uMkhonto weSizwe (MK) futhi ngeke esayivotela i-ANC.
i-MK kwakuwumbutho wezempi we-ANC, owasungulwa ngoDisemba ka1961, eGauteng. Phakathi kwabasunguli bawo kwakukhona oMnuz Nelson Mandela noWalter Sisulu. Okuqaphelekayo wukuthi uZuma wamemezela ngeMK ngoDisemba 16 khona eGauteng.
Isimemezelo sikaZuma asenze ngoDisemba nyakenye, sidale isiyaluyalu ezweni nasemkhakheni wezepolitiki. Inqwaba yabantu ilibeka ngembaba elokuthi ihamba noZuma, okukhomba ngokusoba ukuthi uyayitheza i-ANC.
I-ANC inawo umlando wokuthi kuqembuke abanye abaholi kuyona bayosungula amaqembu kodwa imvamisa bebeqala ngokwesula. OkukaZuma kwehlukile ngoba ujoyine elinye iqembu kodwa engasulile kwi-ANC, okuchaza ukuthi unobulungu obubili ngesikhathi esisodwa.
Kwenzeka lokhu nje kumatasa ezweni kulungiselwa ukhetho lukazwelonke, okulindeleke ukuthi lube kulo nyaka. I-ANC ivele iyatabalasa ngokwesekwa ngoba kubonakele kwehla cishe njalo uma kuyiwa okhethweni.
Kukhona abakholwa wukuthi kulokhu izobuyela ngenhlanhla emandleni okuphatha izwe ngoba ukwesekwa kwayo kungase kwehle kakhulu.
UZuma akuyena umuntu nje ongatheni kuKhongolose kodwa ube ngumengameli wayo amahlandla amabili. Uyilungu le-ANC eliqavile, elidala kakhulu futhi unomlando ojulile kwezomzabalazo wenkululeko. Ube ngumengameli wezwe amahlandla amabili.
Ngaphezu kwalokho uZuma uchazwa njengomholi onogazi kwi-ANC futhi baningi abantu abakholelwa kuyena abamlandela yonke indawo. Kunenqwaba yabantu abakholwa wukuthi uZuma ungumgilwa kwi-ANC, uyahlukunyezwa.
Lokhu kwagqama ngesikhathi eboshiwe ngo-2021, lapho okwabheduka khona udlame, abantu batapa izitolo bethi uZuma uboshelwe ubala.
Kulolu daba lwakhe lokuhamba neqembu iMK, uZuma wenze into eshiye abaningi bedidekile ngoba akasulunga kuKhongolose ukuba yilungu. Uthe uzoqhubeka nokuba yilungu ngoba ufuna ukulungisa umbutho wakhe awusebenzela kanzima.
Umthethosisekelo we-ANC, ngaphansi kwesigatshana u-25.17.13 ukubeka kucace ukuthi kuyicala ukuzibandakanya nelinye iqembu elimelene noKhongolose. Lokhu kuvela ngaphansi kwesihlokwana lapho kubalwa khona uhlu lwezinto ezingamacala okungafanele amalungu azenze
“Ukujoyina noma ukweseka elinye iqembu elingadlelani ne-ANC elimelene nezinhloso zayo,’’ kusho umthethosisekelo.
Lokhu kujika kushiye imibuzo kwelokuthi uma kunjalo, pho kungani i-ANC ingamthathelanga uZuma izinyathelo ngoba kubukeka sengathi usegadlile enhlanganweni yakhe.
USihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, uke wacashunwa ethi bazama ukulusingatha ngobunono udaba lukaZuma. Lokhu kungase kuchaze ukuthi bayakuqonda ukuthi ungumuntu onohlonzo enhlanganweni, okungathi uma bembhudubeza kube nomonakalo.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, ukuvezile ukuthi nabo kabathandi ukuthi bahlomise uZuma ngokumxosha ngoba uzovela njengomgilwa. UMtolo uze walinganisa ngokuthi uZuma uzogcina evela njengomuntu ofele ukholo lwakhe.
Kuyabonakala ukuthi udaba lukaZuma luyibangela isilungulela i-ANC indlela enyakaze ngayo yaphuma umkhankaso ihambela izinhlaka zayo iyokhuluma ngalolu daba.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thobani Zikalala, uthe isizathu esenza ukuthi i-ANC ingasheshi ukuqondisa uZuma ubugwegwe wuhlobo lomuntu ayilona.
“Babheke umuntu siqu sakhe ngoba ungumholi onogazi kakhulu, cishe kunabo bonke njengamanje. Lokhu abakwenzayo kushiya imibuzo ngokusebenza kwemithetho yokuqondiswa ubugwegwe ngaphakathi.
Inkinga enkulu uZuma uyathanda ukuvela njengomgilwa futhi usekwenze kakhulu kumsiza,’’ kusho uZikalala.
Uthe uma bengase bamjezise manje kuyobe bayamhlomisa ngazo zonke izikhali. UZikalala uthe esimeni esinje, umuntu usuke esefana noxoshiwe ngoba icala lakhe licace bha, akudingeki nokuthi kuchithwe isikhathi.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo, uthe udaba lukaZuma lunzima ngezindlela eziningi. Ubale isikhathi uZuma amemezele ngaso udaba lweqembu elisha.
“Isikhathi sibucayi kakhulu futhi lokho kuyayishaya i-ANC. Isuke yavela njengabantu abashayeke udume lwengozi bengazelele. Kubukeka sengathi uZuma kudala eyisebenza indaba yoMkhonto weSizwe futhi ibunjwe kahle ngobuchule,’’ kuchaza uKhumalo.
Uthe iphutha elenziwe yi-ANC kuzwelonke wukuthi ihluleke wukukhuluma noZuma ashintshe isinqumo sakhe. Ufanekise ngodaba lukaMnuz Mavuso Msimanga oyingwevu ye-ANC, owayesikaza ukushiya.
“Uma ukhumbula isasasa elaba khona ngodaba lukaMsimang, baphuthuma balulungisa. Ukube nolukaZuma lwalungiswa kanjalo, bekuzodweba isithombe esihle futhi nabalandeli bakaZuma abadinelwe i-ANC, bebezobuya ngobuningi uma bembona ebuya,’’ kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe indlela enza ngayo uZuma, ubukeka eyicuphele umgoga i-ANC, ukuthi uma ike yamxosha izobe ivukuza abalandeli bayo kakhulu.
“UZuma uyayisebenzisa kakhulu indaba yokudatshukelwa, abe wumgilwa futhi iyamsebenzela. Udaba lukaZuma luyidide lwayiqeda i-ANC ehhovisi elikhulu. Yebo, i-ANC iyaqala ukubhekana nento enje kodwa kufanele ihlale ikulindele lokho njengabaholi, ukuthi kuhlala kuqhamuka izinselelo,’’ kusho uKhumalo.