KWANDE izithebe uMengameli Cyril Ramaphosa esephaka izikhundla zeKhabhinethi ngaphansi kukahulumeni omusha woBumbano. URamaphosa udidiyele wonke amaqembu akuhulumeni nhesikhathi ededela uhla lwesigungu sakhe ngeSonto ebusuku ePitoli.
Kule khabhinethi abaholi bamaqembu ayingxenye kahulumeni bathole izikhundla zokuhola iminyango.
Izembe ligawulile kwabanye ongqongqoshe abebeyingxenye yeKhabhinethi edlule. Abanye bakhuze ibuya, abanye bayiswa kweminye iminyango kwathi abanye behlela ezikhundleni zamasekela.
URamaphosa uthe ithimba lamafolosi aliqokile lizosebenzela bonke abantu baseNingizimu Afrika.
“Ongqongqoshe abaqokiwe bazosebenzela abantu, hhayi amaqembu abo noma ingcosana ethile yabantu baseNingizimu Afrika. Bakhethwe ngoba benamava futhi bezimisele ukwenza umsebenzi wezwe,” kusho uRamaphosa.
Abaholi, okubalwa owe-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, owe-DA uMnuz John Steenhuisen, owe-Patriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie, umholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa nabanye bathole izikhundla zongqongqoshe.
IPhini likaMengameli kusazokuba uMnuz Paul Mashatile.
UHlabisa ujutshelwe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, uSteenhuisen useMnyangweni wezoLimo, umholi we-PAC uMnuz Mzwanele Nyhontso ufakwe eMnyangweni wezeMihlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya.
Inkosi Mzamo Buthelezi ihola uMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha kwathi umkhulumeli we-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, waba yiPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezokuThutha.
UHolomisa uyiPhini eMnyangweni wezokuVikela noMnuz Richard Mkhungo.
UMnuz Senzo Mchunu uthathe indawo ebiphethwe uMnuz Bheki Cele eMnyangweni wamaPhoyisa.
I-DA uyinike uMnyango weMfundo eyisiSekelo ozoholwa nguNksz Siviwe Gwarube, owezokuXhumana oholwa nguMnuz Solly Malatsi, owezemiSebenzi yoMphakathi onikwe uMnuz Dean MacPherson, owezaseKhaya onikwe uMnuz Leon Schreiber.
UNkk Angie Motshekga usenguNgqongqoshe wezokuVikela esuka eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo.
Esikhundleni sikaNgqongqoshe kagesi osekuhlanganiswe noMnyango wezaMandla kufakwe uDkt Kgosientsho Ramokgopa.
UDkt Blade Nzimande ufakwe eMnyangweni wezeSayensi, eMnyangweni weziMali kwabuyela uMnuz Enoch Godongwana.
EMnyangweni weMfundo ePhakeme ufake uNksz Nobuhle Nkabane, eMnyangweni wezeMpilo wafaka uDkt Aaron Motsoaledi kwathi iPhini lakhe wafaka obenguNgqongqoshe walo mnyango uDkt Joe Phaahla.
EMnyangweni wezobuDlelwano namazwe omhlaba kungene uMnuz Ronald Lamola, kwathi eMnyangweni wezokuHlaliswa kwabantu kwabuyela uNksz Mmamoloko Kubayi.
EMnyangweni wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ufake uNksz Thembi Nkadimeng, kwathi eMnyangweni wezokuMbiwa wafaka uMnuz Gwede Mantashe.
EMnyangweni wezamaBhizinisi amancane uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, kowezeNhlalakahle yoMphakathi wafaka uNksz Sisisi Tolashe.
EMnyangweni wezokuThutha ujube uNkk Barbara Creecy, kowabesiFazane, iNtsha nabaPhila nokuKhubazeka ufake uNkk Sindy Chikunga kwathi kwezokuHlunyeleliswa kweziMilo wafaka uDkt Pieter Groenewald ongumholi we-FF Plus.
Emnyangweni wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle ufake uNksz Pemmy Majodina.
UMnuz Jomo Sibiya owayenguMphathiswa woMnyango wezokuHlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal ujutshelwe kwesePhini likaNgqongqoshe wezabaSebenzi, kwathi uMnuz Sihle Zikalala wajutshelwa kwesephini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi.
UNgqongqoshe obhekele ukuhlela nguNksz Maropene Ramokgopa kanti osehhovisi likaMengameli nguNksz Khumbudzo Ntshavheni.
URamaphosa uthe ngenxa yokuthi maningi amaqembu abambisene kuhulumeni akakwazanga ukunciphisa isibalo samalungu eKhabhinethi njengoba ayethembisile ukuthi uyokwenza lokhu.
UNgqongqoshe wezoHwebo nguMnuz Parks Tau kanti amanye amaphini ongqongqoshe kweminye iminyango ahamba ngamabili.
IKhabhinethi entsha kulindeleke ukuthi ifungiswe kusasa.