UMHOLI weDA uMnuz John Steenhuisen, uthi akusafanele kugujwe uSuku lwaBasebenzi kuleli ngoba baningi kakhulu abantu abajika nelanga.
Izolo uSteenhuisen namanye amalungu eDA, bamashele emahhovisi eCosatu eGoli, eyisola ngokunciphisa imisebenzi kuleli.
Uthe abaholi beCosatu basebenzisana ne-ANC ngoba befuna ukuthola izikhundla ePhalamende bese bekhohlwa ngabantu bakuleli abadinga imisebenzi.
“Siyizwile iCosatu ithi sifuna ukubuyisela abasebenzi emuva kodwa akusilo iqiniso ngoba iyona ebabuyisela emuva. Akukwazi ukuthi abasebenzi baholelwe ngokohlelo lwe-national minimum wage bese labo abasebenzela uhulumeni kolwe-expanded public works bahole kancane. Kuyimanje entsheni engu-10, eyisikhombisa ijika nelanga. Sinabantu abawu-11.7 million abangasebenzi ezweni,” kusho uSteenhuisen.
Kuzokhumbuleka ukuthi iCosatu ike yagxeka iDA emuva kokuthi ithe, abaqashi abangakwazi ukuholela abasebenzi ngokohlelo lwe-national minimum wage kufanele bangawulandeli lo mthetho.
IDA ithe ayihambisani nokuthi kube nemithetho ephoqa abaqashi bomkhakha othile ukuba baqale ukuholela abasebenzi imali ethile.
USteenhuisen uthe osomabhizinisi abancane akufanele babe yingxenye yezivumelwano ezibaphuca imali ngoba abafani nosomabhizinisi abakhulu abakwazi ukuholela abasebenzi ngokwezivumelwano ezenziwa kwi-bargaining council.
Umholi wophiko lwentsha kwiDA, uMnuz Nicholas Nyati, uthe iCosatu ayikwazi ukuthi imele abasebenzi ekubeni ihlala etafuleni elilodwa nohulumeni ongayishayi imithetho egqugquzela ukutshalwa kwemali.
Uthe bakhethe ukuqhinqa emahhovisi eCosatu ngoba iyona ebibuka uhulumeni we-ANC udla imali, unika abakhethekile izikhundla namathuba okwenza imali.
Emigubheni yoSuku lwaBasebenzi iCosatu ithe abantu abangakhohliswa yiDA ngoba ayibakhathalele abasebenzi kodwa ivikela abadla izambane likapondo.