IYAQONGA ingcindezi yokuthi babhekisiswe bonke abasebenza nezingane ikakhulu ezikoleni ukuthi abakaze balahlwe amacala okuhlukumeza izingane phambilini.
Lokhu kwenze neqembu i-Build One South Africa (Bosa), labhalela uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ukuthi kuhlolwe bonke abasebenza nezingane ukuthi abakaze bagwetshelwe amacala afuze lawa.
Leli qembu lithe lifuna bonke abasezikoleni, babhekwe ukuthi abekho yini emqulwini obhalisa abantu asebeke balahlwa amacala ukuze abafundi baphephe.
Likusho lokhu kulandela ukucasuka komphakathi wakuleli, omashe emadolobheni ehlukene ufuna kwenziwe ubulungiswa ngokudlwengulwa komfundi oneminyaka engu-7, ofunda eBergview College, eMatatiele, e-Eastern Cape, nyakenye kodwa namanje okungakaboshwa muntu.
UMnuz Roger Solomons weBosa, uthe othisha nabasebenza nezingane ababhekwa ukuthi abekho yini ohlwini lwabantu asebake balahlwa amacala okuhlukumeza izingane okwenza kube negebe. Uthe izikole kumele ziphephe kungabi indawo lapho kungagilwa khona abafundi.
"Kunamacala okubalwa nelakamuva likaCwecwe, enzeka ezikoleni. Yingakho simile ekutheni aluvezelwe umphakathi uhlu lwabantu aseke balahlwa amacala athinta izingane. Kumele badalulwe labo abahlukumeza izingane ngoba kumanje bayazihambela ngokuthanda emigwaqweni yethu," usho kanje.
I-DA ihlabe ikhwelo elifanayo yathi kumele ludedelelwe emphakathini uhlu lwabantu asebelahlwe amacala athinta izingane nokuthi kushushiswe bonke abavimba ukuthi kuphume ubufakazi ngokwenzeka kuhlukunyezwa umfundi esikoleni.
Leli qembu lithe izikole kumele kube yizindawo eziphephile ngoba abazali basuke bekhiphe izingane zabo bengalindele ukuthi zigileke.
Ekhuluma emhlanganweni wekomiti lasePhalamende kuleli sonto, uNksz Gwarube, uthe udaba lwaseBergview, lusingethwe amaphoyisa kanti uze walubona ngeledlule ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe kunezinhlelo zokuthi sisuswe ohlwini lwezikole ezibhalisiwe njengoba kuyisikole esizimele kuze kube udaba luyasukunyelwa njengoba isehlakalo senzeka nyakenye.
"Ngiyawamukela umnyakazo wokuthi kuhlolwe bonke abasebenza ngezingane. Kumele izinto ezifuze lezi sizivike zingakenzeki. Sisebenzisana namaphoyisa kulolu daba," kusho uNksz Gwarube.