INTATHELI YESOLEZWE
I-ANC seyiphinde yagqemeka ingozi ngokudlula emhlabeni kwelungu lePhalamende futhi ebelisekomitini lezokuVakasha, uMnuz Zamuxolo Joseph Peter, emuva kokugula isikhashana ngenxa yokuhaqwa yiCovid-19.
UPeter, oshone ngoLwesihlanu ebusuku, uqale ukuba yilungu lephalamende ngonyaka owedlule emuva kokhetho.
Ongusihlalo wekomiti lezokuvakasha, uMnuz Supra Mahumapelo, uchaze umufi njengendoda obungathembela kuyo uma udinga usizo.
"Ubenza isiqiniseko sokuthi izinhloso zekomiti ziyafezeka. Ngikhumbula ngolunye usuku komunye umsakazo kudingeka umuntu okwazi ukukhuluma ulimi lwesiNguni ukuze akhulume ngezokuvakasha ezindaweni zamakhosi’’.
’’UMnuz Peter njengomuntu ozibophezelele ekuguquleni ezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya, emalokishini nasemadolobheni amancane, wangenelela futhi wenza umsebenzi oncomekayo ekuqhakambiseni umsebenzi wekomiti," kusho uMahumapelo.
Uthe okunye abezibophezelele ngakho uPeter ukuqinisekisa ukuthi kunohulumeni ongakhohlakele eNingizimu Afrika.