UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ehambisana noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi noNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube bankanise emngceleni saweManguzi emkhankasweni wokulwa nobugebengu ngalesi sikhathi samaholidi.
Lobu buholi buhlanganyele nobuholi obuqaphe isimo emgceleni iKosi Bay kuqiniswa umthetho ikakhulukazi ezimotweni eziphumayo nezingenayo kuleli.
Le ndawo ike yaba nezigigaba ezingezinhle zobugebengu ezagqama kakhulu ngezigameko zokubulawa kwabaholi benhlangano elwa nobugebengu kule ndawo.
NgoFebhuwari kwahlaselwa uMnuz Sipho “Juda” Mthethwa (58), owayengusihlalo weMhlabuyalingana Society Against Crime (USAC), owadutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa kwakhe eThengani, eManguzi.
Ngokwesitatimende esakhishwa wuMnyango wezokuThutha nokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi, uMthethwa walalelwa unyendle wabulawa kwakhe eManguzi, KwaMhlabuyalingana ngoLwesine ebuya emhlanganweni eThekwini. UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka wachaza uMthethwa njengesakhamuzi esasinesibindi nesinikele ngempilo yaso ukunqanda ukubhebhetheka kobugebengu kulesi sifunda.
Umkhankaso wangoLwesine uqale ngokuthi uCele ahlanganyele nethimba elikhethekile eliqapha ubugebengu KwaMhlabuyalingana. Le lithimba libekelwe ukuqapha ubugebengu obenzeka emngceleni.
UCele ozokwamukela umbiko ophelele usuka kuleli thimba ngelikubonile kwenzeka kule ndawo ikakhulukazi ubugebengu bokuweliswa kwezimoto emingceleni.