IDEMOCRATIC Alliance (DA) izwakalise ukuthokoza ngokubhuntsha kwevoti lokungabuthembi ubuholi beMeya yaseTshwane uMnuz Solly Msimanga.
Izolo amalungu e-ANC nawe-EFF aphume ngokuhlukana emkhandlwini waseTshwane emuva kokuthi uSomlomo uNkk Rachel Mathebe enqabile ukuthi kube nevoti lokungabuthembi ubuholi bukaMasimanga.
UNkk Mathebe uthe isicelo se-EFF asiyilandelanga imithetho kaMasipala waseTshwane mayelana nokufakwa kwevoti lokungabuthembi ubuholi bomuntu.
Uma i-EFF itshelwa lokhu iye yaduba yaphuma emkhandlwini yathi izoluyisa enkantolo lolu daba.
Amalungu e-ANC abuyele ngaphakathi kodwa nawo abuye aphuma athi azoluyisa enkantolo udaba lokuvinjwa kwevoti lokungabuthembi ubuholi bukaMsimanga osolwa ngenkohlakalo.
Ikhansela le-ANC uMnuz Mapiti Matsena yilona ebelifake isicelo sokuthi kube nevoti lokungabuthembi ubuholi bukaMsimanga kodwa lahoxiswa emuva kokuthi amalungu e-ANC edubile.
Izolo umkhulumeli weDA kuzwelonke uMnuz Solly Malatsi uthe ukungabikho kwevoti lokungabuthembi ubuholi bukaMsimanga kusho ukuthi abantu baseTshwane bazoqhubeka nokuthola izidingo zabo.
“Sizoqhubeka nokulwa nenkohlakalo ebidla lubi eTshwane futhi uMsimanga uzoqhubeka nokunika abantu izidingo nempilo engcono i-ANC ehlulekile wukuyiletha,” kusho uMalatsi.