LISEBENZISE umgubho weminyaka engu-10 lasungulwa, ngokukhulekela ingwadla yokubulawa kwamakhansela ibandla laKwaNongoma, iGod’s Mountain Church International (GMCI).
NgoLwesihlanu leli bandla libe nemashi enokuthula ebiwumkhuleko obumayelana nesihlava esimbi sokubulawa kwamakhansela kule ndawo.
Amalungu ebandla abonakale enqamula ehamba ezitaladini zedolobha kukhulekwa futhi kuculwa.
Inhlosongqangi yalokhu, uMphostoli Fikile Ndaba ongumholi walo uthe bekungukunxusa uNkulunkulu ukuba angenele esihlaveni esibonakala sidla lubi KwaNongoma, sokubulawa kwamakhansela.
Echaza kabanzi ngalokhu uMphostoli uNdaba uthe:"Siyibandla likaNkulunkulu kuyasikhathaza kakhulu ukubona sanda kangaka isihlava sokubulawa kwamakhansela kule ndawo.
Yingakho sigcine sesifinyelela esinqumweni sokuthi nathi siyibandla sikhuze ngomkhuleko.''
Uthe ukholwa wukuthi umkhuleko unamandla enele okuguqula izinto, kungakhathaleki ukuthi zibonakala zizimbi kangakanani.
"Ngalo mkhuleko esiwenzayo namhlanje siyathemba ukuthi uNkulunkulu uzosizwa, kuphele nje nyaka ukubulawa kwamakhansela kule ndawo,''usho kanjena.
Ugcizelele ukuthi kusemqoka ukuba ibandla likaNkulunkulu libonakale liklama indima enkulu kukhona konke okwenzekayo emphakathini elikuwona.
Leli bandla liqhuba ingqungquthela yalo eliyiqale ngoLwesine, izoze iphothulwe ngeSonto. Isesakhiweni esiyisizinda salo ibandla esiseMcebo khona KwaNongoma.
Phakathi kwezinceku zeNkosi ezibonakale zikhonza ngeZwi leNkosi lapha kubalwa uMphostoli Bheki Thwala, Dkt Ema Sitima nabanye abaningi.
Umsakazi weGagasi FM, obuye abe ngumculi woKholo, uKhaya Mthethwa ubalwa nabanye ebebesengqungqutheleni.
Leli bandla laziwa ngezinhlelo zalo ezihlabahlosile elisuke lihlose ngazo ukuthuthukisa amalungu omphakathi.
Phakathi kwazo kubalwa ukondliwa kwabantu abadala, ukukhuthaza imfundo kubantu abasha kanye nokunye okuningi.
Leli bandla lisungulwe ngonyaka u-2012, selokhu lasungulwa nguMphostoli Ndaba uthi libonakala lidlondlobala kakhulu.
Uthi babonga umusa kaNkulunkulu ngalokhu. Eminyakeni ezayo uthi bafuna ukuba ibandla libonakale lenza izinto ezingaphezulu kwalezi elibonakala lizenza manje.