UKUDONSA kanzima kwamabandla nomphakathi kuleli ngenxa yeCovid-19, sekuholele ekutheni ibandla laseSheshi liqale umkhankaso ozosiza ekutheni abantu babuyelwe yithemba ngempilo yabo.
U-Archbishop waleli bandla, uMnuz Thabo Makgoba, uthe lo mkhankaso bawuqaliswe wukubona abantu belahla ithemba ngempilo ngenxa yomzangedwa ababhekana nawo kulesi sikhathi.
Ngaphandla komzangedwa, uthe umphakathi ozithola usuhaqekile ngeCovid-19, uzithola usukhishwa inyumbazane.
“Phakathi kwalokho esihlele ukukwenza, ukuhambela imiphakathi eyahlukene, hhayi kuleli kuphela kodwa nasemazweni angaphandle angu-165,” kusho uMakgoba.
Uthe ngaphandle kokunikeza abantu ukudla, bazobanikeza ukuphila ngokukamoya.
“Abantu babulawa umzangedwa nengcindezi lapha ngaphandle. Ukubabuza impilo nje kukodwa, kuzowenza umehluko. Ezinye zezinto esizobe sizenza,” kuchaza yena.
NgokukaMakgoba, ukujwayeza abantu ukuthi bakhulume ngokungesabi ngeCovid-19, ezinye zezinto ezizosiza abamabandla nomphakathi ukuthi baphile.