UKUGUQUKA kwesimo sezulu ngokweqile nokugcina kudala izingozi zezikhukhula nokunye okuyingozi emphakathini ohlala KwaZulu-Natal, ngesinye sezizathu ezenze enye yamanyuvesi asesifundazweni i-University of KwaZulu-Natal yethula uhlelo lobuchwepheshe besimanje oluzozama ukuqeda leyo nkinga.
Lokho kuhlaluke esithangamini nabezindaba ebesiseSouthern Sun Elangeni & Maharan Hotel, eThekwini ngoLwesithathu lapho abale nyuvesi bedalule khona ukuthi konke sekumi ngomumo ngalolu hlelo ababambisene kulona ne-University of West of Scotland, iRoyal College of Surgens in Ireland Faculty of Nursing and Midwifery ne-University of Portsmouth, yase-England.
ISEKELA lomphathi wophiko lwezokucwaninga e-UKZN uSolwazi Anil Chutorgoon uthe lolu hlelo abalubiza nge-weather project, luzoqala ngokuthi lusize kakhulu umphakathi waseThekwini nasezindaweni ezakhele umasipala wasoGwini, oluzosebenza ngokuthi lunikezele abantu ngezimemezelo nangezixwayiso uma kunamathuba esimo sezulu esingaba yingozi njengemvula enkulu, izikhukhula nokushisa kwelanga.
“Lolu hlelo alulona olokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu kuphela, kepha luyindlela esizibophezela ngayo ukuqikelela ukuthi siba nekusasa eliphephile nelinempilo,” usho kanjena.
USolwazi David Ndzi wophiko lwezobunjiniyela bukagesi namakhemikhali e-University of Portsmouth, uthe okunye okuhle ngalolu hlelo wukuthi luzogxila kakhulu ekuboneni imvula nezikhukhula ezisuke zizoba khona ngaleso sikhathi, okuzokwazi ukubonwa ngabantu ngobuchwepheshe be-App.
“Sizosebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukubona ukuthi imvula izona nini, futhi kangakanani, bese siveza futhi nokuthi uma kuzoba nezikhukhula, zingase zibe nomthelela ongakanani empilweni yabantu,” kusho uNdzi.