UNGQONGQOSHE wezabaSebenzi nezokuQashwa, uMnuz Thulas Nxesi, uthi uhulumeni uzodala imisebenzi ewu-700 000 esebenzisa isikhwama se-Unemployment Insurance Fund (UIF). NgoLwesibili, uNxesi uthule lolu hlelo e-Exhibition Centre, eThekwini.
“Sibonile ukuthi kufanele sidale amathuba omsebenzi siwuhulumeni kulena evele ekhona. Asishiyile ukuthi kube yizinkampani ezizimele kuphela eziqasha abantu kodwa nathi sizovula amathuba omsebenzi awu-700 000 kusukela manje kuze kube wunyaka ozayo,” kusho uNxesi.
UKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping, uthe izinhlelo zabo zokudala amathuba omsebenzi amasha zizofezeka, akusiyona nje into abazogcina ngokuyimemezela ngoba vele ikhona imali.
Uziphikile izinsolo zokuthi bazama ukusiza uNxesi ukuba akhankasele ukhetho njengoba beza nalolu hlelo.
“Izinhlelo zokudala imisebenzi saziqala ngo-2018. Zaphazamiseka ngo-2020 ngesikhathi kuneCovid-19 njengoba imali ibisiza abasebenzi abadiliziwe nalabo akade besebenza amahora ambalwa,” kusho uMaruping.
Ngaphandle kokusiza abadiliziwe, i-UIF ibuye yenze izinhlelo zokuqeqesha kabusha abasebenzi ukuze bakwazi ukuthola amanye amathuba omsebenzi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe abagcini ngokusiza abafuna umsebenzi bewuhulumeni kodwa banezinhlelo zokuxhasa osomabhizinisi abancane.
Uveze ukuthi banohlelo lokusiza osomabhizinisi ukuthi badayise imikhiqizo yabo koSpar, Boxer nezinye izitolo ukuze abalimayo badayise kuzo.
Uthe bakhulume nebhange Ithala ukuthi libanike amapulazi lapho abantu bezotshala khona ukuze bazithuthukise ngokwebhizinisi.
Ubalule ukuthi ngeke bawashiye ngaphandle amabhizinisi amancane ezinhlelweni zabo ngoba imisebenzi eminingi idalwa yiwona.
Ugqugquzele abantu ukuthi babhalise ezinhlelweni zokufuna umsebenzi zikahulumeni ezifana nalolu olwenziwa yi-UIF nezinye.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe kubalulekile ukwethulwa kwalolu hlelo lokudalwa kwemisebenzi ngoba luhlanganisa abantu abasha nezinkampani eziqashayo.
Uthe abantu abasha bazobuye baqeqeshwe ngamakhono obuchwepheshe besimanje, azobasiza ukuzisebenza.