ZIGIXABEZWE ngezigidi zamaRandi izinkampani zikahulumeni ezihlalelwe wumsebenzi wokuqeda inkinga yokucishwa kukagesi neyesiminyaminya emachwebeni aKwaZulu-Natal.
I-Transnet ne-Eskom basikelwe amavenge abhekile ngesikhathi uNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwanaba, ethula isabelomali.
Imali enikezwe lezi nkampani izosetshenziselwa ukubhekana nenkinga yokushoda kukagesi nokubhekana nesiminyaminya emachwebeni aKwaZulu-Natal.
UGodongwana wabele iTransnet u-R47 billion ngesikhathi ekhuluma ePhalamende, izolo.
Uthe iTransnet izosebenzisa le mali ukulungisa izinkinga ebhekene nazo, iphinde ikhokhele izikweleti.
“Le mali ihambisana nombandela wokuthi iTransnet kuzofanele igxile ezintweni eyasungulelwa ukuba izenze, iphinde isebenzisane nezinkampani ezizimele.”
Enye yezinkinga ezibhekene neTransnet, yisiminyaminya echwebeni laseThekwini nelaseRichard’s Bay ngenxa yokushoda kwengqalasizinda.
UGodongwana uthe bazobambisana nenkampani ezimele ukuthuthukisa ingxenye yechweba laseThekwini, okufikela kuyo iziqukathi.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi izinkampani ezizimele zitshale imali eningi ezosiza ukuthuthukisa ingqalasizinda nezobuchwepheshe.”
UGodongwana uthe bazimisele ngokulungisa izinkinga zokuthuthwa kwempahla.
“Ikhabhinethi yaphasisa uhlelo lokwenza ngcono ezokuthutha ngonyaka owedlule. Uhlelo luveza izinto okufanele zenziwe ukuze sithuthukise ingqalasizinda emachwebeni, izitimela nezokuphepha.”
I-Eskom igixabezwe u-R2 billion wokuba iiqale uhlelo lokuthenga ama-meter esimanjemanje.
“La mamitha azoqala ukufakwa ezindaweni ezingaphansi komasipala abafake izicelo zokuba basulelwe izikweleti.”
UGodongwana uthe inkinga yokucishwa kukagesi iyaqhubeka nokuphazamisa umnotho nempilo yabantu.
Uthe kudingeka ukuba kwenziwe izinguquko kwezokukhiqizwa kukagesi ukuze kuqedwe inkinga yokushoda kwawo.
“Sithathe izinqumo ezifanele kule minyaka emihlanu eyedlule futhi sesiyaqala ukubona izithelo. I-Eskom iyaqhubeka nokubamba iqhaza elibalulekile kwezokukhiqizwa kukagesi.”
UGodongwana uthe kuzosetshenziswa izinhlelo ezifana nokufakwa kwamasolar, izinhlelo ezintsha zokukhiqizwa kukagesi ukubhekana nenkinga yokushoda kwawo.
UGodongwana uthe bazothula umbiko mayelana nesimo seziteshi zikagesi ezisebenzisa amalahle.
Lo mbiko obuwenziwa yinkampani ezimele waphothulwa ngonyaka owedlule, uGodongwana uthe bazowethula lingakapheli isonto.
Kukhona abafuna ukuthi iziteshi ezisebenzisa amalahle zivalwe.