UKUBEKA amakhasimende phambili nokufuna ukwenza azizwe esekhaya uma ezothenga, yikhona okwenze abePick n’ Pay, babuya ngonyawo olusha bevula kabusha isitolo sabo sezimpahla zokugqoka, iPick n’ Pay Clothing, eseGateway, eMhlanga.
Lesi sitolo ebesivalwe amasonto ayisithupha silungiswa futhi kushintshwa nendlela esibukeka ngayo ngaphakathi, sibuye sesihlukile, kusukela emisikweni yaso kuya kwindlela esibukeka ngayo, njengoba abaphathi baso benze sahambisana nabantu.
Isikhulu sePick n’ Pay Clothing uNksz Hazel Pillay, uthe ukuqonda ukuthi iKwaZulu-Natal ihlobe ngezinto ezahlukene ezithandwa ngabantu, kwenze bahambisana namakhasimende.
“Yingakho senze imihlobiso egqize ngezithombe zomoba, kwezinye izingxenye zesitolo senza okuveza umfula uThukela, ukwenza amakhasimende ethu azizwe esekhaya uma ezothenga izimpahla ezahlukene esitolo sethu,” kusho uNksz Pillay.
Eqhuba, uthe okunye okubasize kakhulu ukwenza isitolo sabo sibukeke kahle ngaphakathi, wukuthi basebenze namaciko azi ingqephu nadwebayo azinze eThekwini, ukubasiza baqhamuke ne nto ezojatshulelwa nezohambisana namakhasimende abo.
“Basisize kakhulu ukwenza obhasikidi esibafake emathilini ukuhlobisa, kwenza kubukeke kahle futhi kwehluke. Emagumbini okulinganisa izimpahla, senze kwagqiza ngemidwebo yezintaba zokhahlamba, safaka nemihlobiso eveza ubunjalo beKZN, ikakhulu ubuhle bedolobha iTheku,”’ usho kanje.
Ngaphandle kwalesi sitolo esilungiswe eGateway, iPick n’ Pay iyaqhubeka nokudlondlobala, njengoba ivule izitolo eziwu-50 kulo nyaka, yengeza kweziwu-58 ezivule ngonyaka odlule, okwenza ibe nezitolo eziwu-385. Maduze izovula ezimbili futhi eThekwini.