I-NFP ithi isivivela ukuqala ihlasele ngomengameli wayo osebuthaka, uNkk Zanele-Magwaza Msibi emkhankasweni wayo wokhetho lohulumeni bezindawo oluzoba ngonyaka ozayo.
UNkk Magwaza-Msibi ubehola izikhulu zeNFP esithangamini sabezindaba, abebesibize ehhotela eTropicana, eThekwini ngoLwesihlanu.
Ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa neqembu lakhe lapho ingoma ebisha khona phezulu, becula ngegama lakhe.
Ubebonakala emphakathini emuva kwesikhathi esule ePhalamende. Lo mholi wahlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2014 esemzini wakhe eNewcastle.
UNobhala weqembu uMnuz Canaan Mdletshe, uthe uNkk Magwaza-Msibi ululama kahle nokubonakala kwakhe emihlanganweni yeqembu kuwubufakazi. Uveze nokuthi uNkk Magwaza-Msibi usekulungele ukwehla enyuke esifundazweni eshela abavoti. Uthe kodwa babuye bangathandi ukumjaha ngokumsebenzisa kakhulu.
Isigungu esiphezulu seNFP sibambe umhlangano waso wokuqala kusukela sakhethwa engqungqutheleni oNdini.
“Njengoba nimbona nje umengameli nangu phambi kwenu uyaphila futhi siyambonga ngokuthi asabele uma simcela njalo ukuthi asondele. uzoqhubeka asihole futhi angase abonakale ekhankasela iqembu njengoba sifuna ukuthatha omasipala nje,’’ kuchaza uMdletshe.
UNkk Magwaza -Msibi ubehleli ezithulele ngesikhathi kuqhubeka isithangami abuye ahleke kancane kubonakala ukuthi uyezwa okushiwoyo.
Nakuba engakhulumi kakhulu kodwa uyabingelela axhawule abuye azithulele kubonakala ukuthi akakaqini kahle.
UMdletshe uchaze izinto ezahlukene abazixoxe emhalnagnweni wathi kuzobhekwa kabusha izinhlaka zeqembu esifundazweni zihlakazwe uma kukhona ezingasebenzi kahle.
Uvumile nokuthi bakhona abafaka iqembu enkantolo bephosela ingqungquthela inselelo wathi sekuyozwakala khona enkantolo.