I-NFP eZululand ishaya amakhala ngomyalelo wokuba iziMeya zisebenzise amatekisi namabhasi omphakathi kunokuqasha izimoto ezibizayo.
UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, nowezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, bacashunwe yi-IOL bedonsa ngendlebe iziMeya eziwu-257 zomasipala baseNingizimu Afrika ukuthi zihlukane nokuqasha izimoto zikanokusho nokuthenga ifenisha ebizayo emahhovisi.
Umyalelo kulindeleke ukuba uqale ukusebenza ngoJulayi 1 uma sekuqala unyaka wezimali ka-2019/2020 womasipala.
Ngokwalo myalelo, izimenenja zomasipala abahluleka ukuwugcina zizothathelwa izinyathelo zomthetho bese ziyahlawuliswa.
UMnuz Sphamandla Ntombela, weNFP eZululand, uthe umyalelo awehli kahle ngoba ucindezela iziMeya ukuthi zingakwazi ukwenza ngendlela umsebenzi wazo.
“Isiphakamiso sikaMboweni noDkt Dlamini Zuma kungakuhle uma singaqala senziwe yibo, babe yisibonelo esihle, baphume baye emafulethini ahlala amalungu ePhalamende eCape Town, banciphise imihlomulo yemindeni yabo yokundiza ngemali yabakhokhibentela,” kubeka uNtombela.
Uthe uma iziMeya zifelwe yizimoto noma ziyolungiswa akulula ukuthi zingavele zigibele amatekisi ziyosiza umphakathi ngoba lokho kungasho ukuthi kunabantu izidingo zabo
ezizoza kancane.
IMeya yaseNelson Mandela Metropolitan Municipality, uMnuz Mongameli Bobane, kuleli sonto ibhale kuTwitter yathi: “Akuqale bona kuqala.”
Kwenzeka lokhu nje kunezikhalo ngezimoto ezithengwa ngoNgongqoshe nabaziqashayo uma behambele izifundazwe njengoba zidlula kuR1million.
Ngo-Ephreli kwaba nezikhalo zokuthi uNgqongqoshe ngamunye kuzwekonke uba nezimoto ezimbili okuba ayisebenzisa eseCape Town nayisebenzisa ePitoli ezibiza imali eshisiwe.
Ngo-Ephreli iDA ePhalamende yaveza ukuthi izimoto ezithengelwa oNgqongqoshe zeva ngo-70% entengweni enqunywa yiMinisterial Book elawula ukuthi imoto akumele idlule iholo likaNgqongqoshe alihola ngonyaka.
Izimpendulo ongqongqoshe abazinike iDA ePhalamende yizo ezidale izikhalo uma sekuvela izintengo okuthengwa ngazo izimoto zabo.
Kuvele ukuthi oNgqongqoshe abaningi enyakeni wezimali * -2018/2019 bathengelwe imoto engaphezulu kukaR1 million umuntu ngamunye ingakabalwa eyephini lakhe.
KwaZulu-Natal kuke kwakhalwa ngokuthi abanye oNgqongqoshe bafaka izicelo zamakhilomitha angaphezu komholo wabo ngenyanga.
Nakuzo iziMeya kube nezikhalo njengoba enye iMeya yasolwa ngokuthenga iRange Rover intengo yayo engaphezulu kukaR1 million kodwa yagingqika.
UNtombela uthe kuningi okumele kubhekisiswe kumyalelo ngoba kunezindawo okuphoqa ukuthi iziMeya zihambe ngezimoto zohlobo oluthize ezigcina zimba eqolo ikakhulukazi lezo ezisemakhaya.
Uthe okubalulekile engabe uDkt Dlamini Zuma noMboweni bayakwenza, wukukhulisa imali abayabela omasipala ebizwa nge-equitable share, banciphise nenkohlakalo eyenzeka eminyangweni kahulumeni.