Amaqembu angeyona ingxenye kahulumeni wobumbano, asebekele umshado wamaqembu abambisene kulo hulumeni isikhathi esingangonyaka noma emibili ngaphambi kokugqabuka kwegoda.
La maqembu okuyiMK, EFF, ATM, NCC ne-UAT, aveze ukuthi uma kuke kwakhishwa uMengameli Cyril Ramaphosa, ezintanjeni zokuhola i-ANC, umshado uyophela.
NgoLwesine, esithangamini sabezindaba ePhalamende abaholi balawa maqembu bathule ikhokhasi njengoba bezobe bephikisa ePhalamende.
Umholi weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uveze ukuthi akaboni umshado we-ANC, DA, IFP, PA namanye amaqembu kuzophela ihlandla lalo hulumeni usekhona.
Uthe ziningi kakhulu izinto ahluke ngazo uma kuziwa emigomeni.
“Kungaba umlingo uma kungase kuphele iminyaka emibili usekhona lo mshado kuhulumeni. Yinto ezophela njengomlilo wamaphepha.”
Nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uphefumule okufananyo noHlophe, wathi ingase ongapheli iminyaka emibili usekhona lo mshado we-ANC.
“I-DA yathi izosebenzisana ne-ANC ngenxa kaRamaphosa. Nakanjani uRamaphosa uzophuma engqungqutheleni ye-ANC ngenxa yokuthi le nhlangano ayiyivumi eyehlandla lesithathu.”
Kulindeleke ukuthi ihlale eminyakeni emibili ezayo ingqungquthela ye-ANC kuzwelonke okuyokhethwa ubuholi obusha kuyona.
Kuningi ukukhuluma kuleli ngeyalo mshado nokuthi ngabe uzohlala isikhathi esingakanani.
UMalema noHlophe babize abaholi be-UDM ne-PAC ngabadayisi abathanda izikhundla kuhulumeni ngokuba yingxenye yomshado.
UHlophe uthe njengoba bebethula le khokhasi banezihlalo ezingu-102 abazolwa ngazo ukuphucula impilo yabantu.
Uveze ukuthi bazofaka iziphakamiso ePhalamende zokuthi kuqashwe ngokugcwele abasebenzi abafana nonogada, ukusulwa kwezikweletu zezitshudeni, ukunikezwa kwezingane zamantombazane amaqakelo amahhala kanjalo nokuvusa indaba yokuthi kukhishwe ngevoti lokungamthembi uRamaphosa ngodaba lwasepulazini lwakhe iPhala Phala, lapho kwatholakala khona imali ithukusiwe.
“Sifuna ivuswe eyokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ukufakwa ngaphansi kukahulumeni kweBhange loMbuso, ukuchithwa kwayo yonke imithetho yobandlululo nezinye izinto ezithinta umphakathi. Sinethemba ukuthi sizokutholwa ukwesekwa emkhankasweni esizoyenza njengekhokhasi yamaqembu ahlukene.”
Odabeni lokuvumbuka kabusha kwezithinta indaba yokudliwa kwemali ebhange iVBS okufaka nabaholi be-EFF, uMalema uthe wudaba oludala lolu nesahluko salo sesavalwa.
“Abasisabisa ngokuthi bazosibopha ngokuvusa indaba yeVBS, abakwenze, asibasabi. Akukho okusha okuthinta le ndaba. Ukuthula kwethu akusho ukuthi ingoba singazi ukuthi sizophendula sithini, ingoba sikhathele ukuphendula into engathi shu. Akekho ozosisabisa ngokuthi asivale umlomo ngokuthi avuse indaba yeVBS,” kusho uMalema.